Johannesburg - Ababukeli bakumabonakude bashaqeka ngesikhathi uDJ Sbu ememezela ukuthi uyalushiya uhlelo aselwethule iminyaka eyishumi iFriends Like These.
AbeDaily Sun babika ukuthi umethuli omusha wohlelo kuzoba ngusomahlaya ophinde abengumlingisi uTrevor Gumbi ozongena esikhaleni saloDJ.
Ngokusho komthombo uTrevor uqale ngoMsombuluko ukuqopha isiqephu sokuqala sohlelo.
OLUNYE UDABA: Ibophele abanohlonze iRockville entsha
Umphathi wesiteshi Isabc 1 uMaijang Mpherwane akazange aqinisekise noma aphike mayelana nokujoyina kukaTrevor kulesi siteshi.
Imenenja kaTrevor uLucilla Gumbi uthe: “Udaba belungakapheleliswa kanti uma sekuqinisekisiwe sizokwazisa wonke umuntu.”
UTrevor akazange atholakale ukuphawula kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho