Johannesburg - Isihlabani sakumabonakude nasemsakazweni uMpho Maboi sisivulele isifuba ngobudlelwane baso nomdlali webhola uReneilwe 'Yeye' Letsholonyane, sathi ukuhlukana kwabo kwabasiza bakhula.
UMpho noReneilwe bahlukana ngaphambi kokuba zithole ingane yazo yokuqala kodwa kungakapheli zinyanga babuyelana.
OLUNYE UDABA: "UBeyonce"nowakhe kungathi bayabukisa
UMpho ekhuluma kwiBrightRock TV kamuva nje uphawule ngokuhlukana kwabo wathisasesicikana.
"Ukuhlukana kwethu kwakunzima, sahlukana ngesikhathi ngisakhulelwe indodana yethu. Kodwa ke kwenzeka. Ngicabanga ukuthi kwafika esigameni sokungezwani sesihlezi sijabhile kodwa sizama ukulungisa izinto ngoba sekuzofika umntana. Ekugcineni ngathatha isinqumo sokuthi hhayi lento ayenzeki, ayiyi ndawo, sizoba ngabazali abaqotho kulo mphefumulo uma sihlukene.
UMpho uthe ubudlelwane babo njengamanje bungcono kakhulu uma ukuqhathanisa nobakudala.
IVideo echaza:
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter