Durban - UPearl Thusi usolwa ngokuzithengela yena indandatho “yesicelo”.
Lokhu kubonakale ngokumangala kwabanganibesoka lakhe ngoba kuthiwa le ndandatho ayiveli kwisoka lakhe uRobert Marawa.
Imithombo esondelene noRobert bathi bacasuke kabi ngesenzo sikaPearl sokuthi usengaze abone kungcono azithenge indandatho.
OLUNYE UDABA:Usaziwayo uthi akuqali ngaye ukuthola isoka elincane kunaye - Umbiko
“Asiqondisisi ukuthi kungani intokazi enhle njengoPearl ingayenza kanjani into efana nalena.
"URobert akathandi ukuthi izindaba zakhe zigcwale esidlangalaleli futhi wabatshele ukuthi akakazimiseli ukuthatha uPearl,”kusho imithombo itshela abeSunday Sun.