Share

Okunye okudalulwe wuKelly Khumalo emsakazweni

Johannesburg - Umculi wakuleli Ukelly Khumalo akukho oluhle angakusho ngoJub Jub.

Lo mculi udalule lokhu emsakazweni iMetro FM ohlelweni lwasekuseni iFresh Breakfast ngoLwesihlanu ekuseni, lapho aphinde asivulela khona isifuba odabeni lokulahlekelwa nguSenzo Meyiwa.

UKelly ubekhuluma ngokuthi engathanda ukuxoxela izingane zakhe ngobaba bazo, yize kunjalo, uma kuza kuJub Jub, kubukeka sengathi kuwudaba oluthanda ukuba nzinyana.

OLUNYE UDABA:Uthi akakapholi uKelly Khumalo ngolukaSenzo Meyiwa

UKelly nomrepha uJub Jub, ophume ejele ekuqaleni kwalo nyaka, banendodana bobabili , ogama layo nguChristain.

UJub Jub nayesolwa naye uThemba Tshabalala batholwa necala ngo-2012 ngemuva kokushayisa izingane zesikole.

Kusolwa ukuthi babebheme izidakamizwa ngesikhathi sengozi, eyabulala inqwaba yeizngane zesikole.

"Umtshela kanjani umuntu oneminyaka engu-7 ubudala ukuthi ngadlula kuphi noyise? Ngoba ngifisa ukuveza isithombe esihle ngaye kodwa asikho," usho njalo ohlelweni.

Uchaze nokuthi akafuni ukuncisha indodana yakhe ubudlelwane nobaba wayo.

"Ngifuna ukuthi mase ekhule ngokwenele azithathele yena isinqumo sokuthi uyaba nomna akabi nabo ubudlelwano nobaba wakhe. Kodwa okwamanje, kuwumsebenzi wami ukuyivikela indodana yami kuloya muntu. Angazi ukuthi ungubani manje, futhi angifisi nokwazi ukuthi usengubani manje, kodwa kulokhu engikwaziyo ngaye, ngifisa ukuyivikela indodana yami kuye."

Lo mculi ukucacisile ukuthi ubudlelwane yinto engeke yenzeke manje.

"Okwamanje, ngiwuvalile umnyango. Indoda engiyaziyo ayikufanele ukukhulisa indodana yami...angisho ukuthi ngingumuntu omsulwa noma ongcwelegcwele, ngikude kabi nalokho, kodwa ngizama konke okusemandleni ukukhulisa umfana wami abeyindoda eqotho."

- INSTAGRAM

  - ZAlebs 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
65% - 483 votes
No! It's time to move on ...
35% - 264 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
+1.1%
Rand - Pound
23.79
+0.7%
Rand - Euro
20.40
+0.8%
Rand - Aus dollar
12.40
+0.7%
Rand - Yen
0.12
+1.2%
Platinum
925.50
+1.5%
Palladium
989.50
-1.5%
Gold
2,331.85
+0.7%
Silver
27.41
+0.9%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,437
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
62,119
+2.7%
Industrial 25
102,531
-1.5%
Financial 15
15,802
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE