Johannesburg - Kubikwa ukuthi umlingisi ophinde abengumculi u-Anga Makubalo uxabene nomama wengane yakhe okumenze ukuthi aze acabange nokuzibulala.
Iphephabhuku iDrum lashicilelea umbiko othi izinto zimapeketwane phakathi kwalesi sihlabani esasidlala kuGenerations nowayeyintombi yakhe ezithwele eyaziwa ngelikaNonkukluleko oneminyaka engu-23 ubudala.
Ngokusho kombiko u-Anga ubefuna ukuthi uNonkululeko akhiphe isisu.
Ngokwaleliphephabhuku uNonkululeko wenqaba ukusikhipha isisu.
OLUNYE UDABA: 'Ulaxaze umama wengane umculi ongumlingisi'
Kusolwa ukuthi u-Anga uzame ukuzibulala ngokuphuza amaphilisi ngokweqile, nakuba kunjalo uyakuphika ukuzama ukuzibulala.
Iphephabhuku iDrum yangoFebhuwari libike ukuthi isizathu sokuba lo mlingisi weZ'bondiwe engayifuni enye ingane yingoba ukhulelise intombi yakhe yaseBotswana, uRoselyn April, okuyiyo aseyibike ngisho nasemndenini wakhe.
"Ukukhulelwa kukaNonkululeko kuzomoshela u-Anga izinto, kusho umthombo wephephabhuku.
Ngokombiko u-Anga uyisoka njengoba ebethandana noRoselyn noNonkululeko ngesikhathi esisodwa.
URoselyn akatholakalanga ephawula.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho