Durban - U-Anga “Naakmusiq” Makubalo, owayedlala indawo kaMJ kuGenerations endala, kubikwa ukuthi usethandana nomethuli weSelimathunzi, uKhanya Mkangisa, okuyinto bobabili abayiphikayo.
ISunday Sun itshelwe yimithombo ukuthi uMkangisa uchitha isikhathi esiningi noMakubalo, kanti sekuqubuke amahlebezi athi ujolela isoka lakhe leminyaka uMatli Mohapeloa.
Omakhelwane baMakubalo eGoli bathi uMkangisa akapheli emzini wale nsizwa uma kunamaphathi.
Ngesonto eledlule, iSunday Sun, ibike ngesonto eledlule ukuthi uMakubalo ubhekene necala lokushaya unogada walapho ehlala khona.
OLUNYE UDABA: Bazobusiswa ngengane yabo yokuqala osaziwayo
"Ngimangele ukuthi anikabhali ngokuthi uMakubalo uthandana nale ngane edlala kwiSidingo ngoba ayipheli emzini wakhe," kusho umakhelwane.
Ebuzwa uMahapeloa uthe yena ngokwazi kwakhe yena nentombi yakhe basaqhuba kahle.
UMkangisa uthe: "Izinto ezinjengalezi ziyangicika."
UMakubalo uthe yena nalesi simomondiya bahlanganiswe umsebenzi kuphela.