Share

UQhubinja noMroza bazofundisa abantu ngothando nokuzigqaja ngemvelaphi yabo

Durban - Oweculo elithi Van Damme, uMroza nenkosi yamaBhinca uQhubinja bazofundisa abantu ngothando baphinde babafundise nokuzigqaja ngemvelaphi yabo.

uQhubinja ogama lakhe lokuzalwa ngu-Israel Ntombela, 25, waseMsinga enyakatho yaKwaZulu-Natal, udume ngokuzishaya isifubo ngeholo lakhe lemali engu-R12 000 alithola njalo ngenyanga nokuba nguswenka wasemakhaya.

UQhubinja uzobe esemcimbini weminyaka yonke iJozini Maskandi Festival ngomhlaka-25 Febhuwari eMasosheni Sports Ground.

Lo swenka uzobe ehambisana noSthe 'Mroza' Fakude, owazakhela udumo ngokuwina ingoma yonyaka emisakazweni yakuleli i-SABC Song of the Year.

OLUNYE UDABA: Inkosi yamaBhinca uQhubinja uzokhangisa iBrentwood

Ohlela umcimbi, uXolani Mcineka, uthe bakhethe ukumema uQhubinja ngoba uyayazi ingqephu.

UXolani uthe:"Ingqephu ihamba phambili emcimbini kaMaskandi. Kodwa okuhlukile ngoQhubinja ukuthi ufundisa abantu ukugwema izikweletu ngokubakhuthaza ukuba bathenge ngemali."

Uqhube ngokuthi: "UQhubinja noMroza babe yisibonelo esihle kubantu ngokuziqhenya ngemvelaphi yabo.

"Kuhle futhi ukuthi uQhubinja uyisoka. Uzofundisa abantu uthando. Uphila impilo eyisibonelo sokuthi kufanele uzamukele ukuthi ungubani ngaphambi kokufuna ukwamukelwa ngabanye abantu."

Abanye abaculi abazobe beyingxenye yomcimbi kubalwa iGcokama Elisha, u-Ali Mgube, uQhoshangokwenzakwakhe, Amageza Amahle, iSgwebo Sentambo, Mfezemnyama, uMkhathazi, uQalindaba, Izintombi ZikaMjaphani, uZanefa Ngidi, Mdumazi, oThanduxolo naMakhedama. 

Kungenwa mahhala kulo mcimbi.

 - Sunday Sun

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 558 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 802 votes
Vote
Rand - Dollar
18.88
+0.3%
Rand - Pound
23.86
+0.2%
Rand - Euro
20.39
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.31
+0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
908.05
0.0%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE