Durban - Oweculo elithi Van Damme, uMroza nenkosi yamaBhinca uQhubinja bazofundisa abantu ngothando baphinde babafundise nokuzigqaja ngemvelaphi yabo.
uQhubinja ogama lakhe lokuzalwa ngu-Israel Ntombela, 25, waseMsinga enyakatho yaKwaZulu-Natal, udume ngokuzishaya isifubo ngeholo lakhe lemali engu-R12 000 alithola njalo ngenyanga nokuba nguswenka wasemakhaya.
UQhubinja uzobe esemcimbini weminyaka yonke iJozini Maskandi Festival ngomhlaka-25 Febhuwari eMasosheni Sports Ground.
Lo swenka uzobe ehambisana noSthe 'Mroza' Fakude, owazakhela udumo ngokuwina ingoma yonyaka emisakazweni yakuleli i-SABC Song of the Year.
OLUNYE UDABA: Inkosi yamaBhinca uQhubinja uzokhangisa iBrentwood
Ohlela umcimbi, uXolani Mcineka, uthe bakhethe ukumema uQhubinja ngoba uyayazi ingqephu.
UXolani uthe:"Ingqephu ihamba phambili emcimbini kaMaskandi. Kodwa okuhlukile ngoQhubinja ukuthi ufundisa abantu ukugwema izikweletu ngokubakhuthaza ukuba bathenge ngemali."
Uqhube ngokuthi: "UQhubinja noMroza babe yisibonelo esihle kubantu ngokuziqhenya ngemvelaphi yabo.
"Kuhle futhi ukuthi uQhubinja uyisoka. Uzofundisa abantu uthando. Uphila impilo eyisibonelo sokuthi kufanele uzamukele ukuthi ungubani ngaphambi kokufuna ukwamukelwa ngabanye abantu."
Abanye abaculi abazobe beyingxenye yomcimbi kubalwa iGcokama Elisha, u-Ali Mgube, uQhoshangokwenzakwakhe, Amageza Amahle, iSgwebo Sentambo, Mfezemnyama, uMkhathazi, uQalindaba, Izintombi ZikaMjaphani, uZanefa Ngidi, Mdumazi, oThanduxolo naMakhedama.
Kungenwa mahhala kulo mcimbi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter