Johannesburg - Umlingisi wodumo kumabonakude uSophie Ndaba owayedlala indawo kaQueen Moroka kuGenerations endala kubikwa ukuthi ukhuza ibuya kumabonakude.
Lo mlingisi kulindeleke ukuba aqale ukubonakala kumabonakude ekuqaleni konyaka ozoya.
OLUNYE UDABA: Ukhuza ibuya kumabonakude owodumo lweGenerations
USophie waxoshwa kuGenerations nabanye abalingisi abangu-16 ngemuva kokungenela isiteleka esingekho emthethweni.
Iningi la labalingisi selawuthola umsebenzi kanti uSophie yena sekuphele unyaka agcina ukubonakala kumabonakude kodwa ubematasa ngeminye imisebenzi ekhulisa nebhizinisi lakhe lokuhlela imishado.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho