Johannesburg - Usutholakele umklomelo kaVuyo Dabula odlala indawo kaGadaffi kuGeneration:The Legacy weHunk of the Year ngemuva kokwebiwa kwayo.
Kubongwa abephehandaba iDaily Sun ngokushicilela udaba lokwebiwa kwalo mkomelo ngoMsombuluko odlule kwamaFeather Awards ejOBURG City Hall.
UVyo wathi umklomelo wakhe webiwa kodwa uThamsanqa Mamkeyana, 29, wamtholela wona ngenhloso yokuphepha kwawo.
“Lo mkomelo wawukhahlelwa kukhaphethe ngase ngiwucosha,” usho njalo.
OLUNYE UDABA: Ucela usizo oweGenerations owebelwe
“Ngashaqeka ngesikhathi ugogo wami engitshengisa udaba lokwebiwa kwemkomelo ephepehni iDaily Sun. Ngahamba nalo mkomelo ngoba abantu abaningi babecwile ezinkambini zikaFaro. Ngemuva kwesikhathi ngathumela uVuyo umqafazo enkundleni yezokuxhumana. Ngangingazi ukuthi ungoka bani ngoba name ngaya kule phathi ngingamenyiwe.
“Kuyaxaka ngoba uVuyo weza kumina ngesikhathi ebona ngiphethe umkomelo wabuza ngawo. Ngesikhathi ebona kubhalwe ukuthi Hunk of the Year kuwo wathi “Oho” wadlula,” kusho uMamkeyana.
Umama kaMamakeyana uLorrain Mametja uthe: “Singuhlobo lwabantu olucosha ngamaselula abantu siwagcine baze bavele abanikazi bawo”
“UVuyo uthe ubonga iDaily Sun ngokutholakala komklomelo wakhe.
“Ngayibuza le ndoda ukuthi yenzani ngomklomelo wami “Noma ngabe angishongo lutho, yayazi ukuthi ngawuwina.Anginendaba nayo, angifuni nokuhlangana nayo ngisho nokukhuluma nayo,” usho njalo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho