Johannesburg - Lowo owayedlala indawo kaSamuel Khumalo kuGenerations endala, uThabiso Mokhethi, kubikwa ukuthi uthethiswe kabi yisikhulu sakwa-SABC.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi iSunday Sun yabika ukuthi uMokhethi ushaya unkosikazi wakhe, uGaaratwe Mokhethi.
ISunday Sun isihoshe ezithi uHlaudi Motsoeneng utshele uMokhethi ukuthi angaphinde abeke umkakhe isandla njengoba esengumethuli omusha weGospel Gold edlala kuSABC1.
Kuthiwa unkosikazi kaMokhethi waze wayofuna isivimbezelo ngoba esekhathele ukuhlukunyezwa umyeni wakhe.
OLUNYE UDABA: Kusahamba kahle konke - owayekuGenerations
Imithombo ithi uMotsoeneng ngoLwesibili ubizele uMokhethi eceleni wamyalela ukuba ayiphele indaba yokuthi avele emaphepheni ngezindaba ezimbili.
“UThabiso utshengise ukuzithoba wathi ngeke abange izinkinga wabonga nokunikezwa elinye ithuba."
Zimbili lezi zithandani zithe sezibheke ikusasa manje, okudala sekudlulile.
"Sashada sibancane kumnandi, izinkinga ziqhamuke manje ngoba sesibhekene nezingqinamba," kuphetha uGaaratwe.