New York – Umculi u-Earl Simmons, owaziwa ngegama lakhe lasesiteji uDMX, uyelumala esibhedlela kulandela ukutholakala equlekile endaweni yokupaka izimoto ehhotela.
Amaphoyisa aseYonkers, eNew York, athole ucingo ngoMsombuluko ebusuku ngendoda equlekile eRamada Inn, kusho uLt. Patrick McCormack etshela i-CNN.
Abe esephuthimisa u-DMX eSaint Joseph's Medical Center, esho.
OLUNYE UDABA: OweJoyous ungeniswe esibhedlela - Umbiko
Amaphoyisa anqabile ukudedela igama lale ndoda abayisizile.
Ummeli kaSimmons, uMurray Richman, uqinisekisile ukuthi ikhasimende lakhe lingeniswe esibhedlela ngoMsombuluko ebusuku.
URichman uthe akayazi imbangela yokungeniswa kukaSimmons esibhedlela, kepha ungcono kakhulu ngoba uzimisele ngokuyonandisa ePennsylvania ngoMgqibelo.
Eminye imibiko ithi u-DMX weqise isandla ngesikhathi ethatha izidakamizwa.