UKwesta ungomunye wabaculi abashaya ngengoma eshisa izikhotha, kodwa yize kunjalo uthi kuningi akubhekile.
UKwesta uneminyaka esemculweni we-hip hop kuleli kodwa abalandeli bakhe bayakuqaphelisisa ukuthi lesi sihlabani sabo asinakwa uma kuklonyeliswa abaculi abenza kahle.
Lo mrepha oshaya iNgud’ uthi naye uyakubona lokho kodwa futhi akuyona into angalala ayidlile, kubika iSunday World.
“Yebo ngiyabona ukuthi kunezindondo ekumele ngabe sengike ngazithola. Uthole ukuthi igama lami liyaphakanyiswa bese ngiyajabula ngibe nesifiso sokuthi ngiphumelele.
OLUNYE UDABA:Umrepha usola unina ngokumncela imali
“Ziningi izindondo esezingiphunyukile, kodwa angisebenzeli izindondo, angenzi umculo ngoba ngifuna izindondo,” kusho yena.
UKwetsa uyakuthokozela ukuthi lokuzisimamisa kule mboni nokuba naleyo ngoma eshisa izikhotha ngisho esiyiguquguqula izikhathi eziningi kodwa ivutha kuphela.