Share

Ababhekelelwe nabesibhuda kwezemidlalo

Durban - Kungenzeka yini ukuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika ukhetha iphela emasini uma kuziwa ngasekuqhakambiseni noma ekuphakamiseni ezemidlalo?

Lokhu ngikushiswa ukuthi kunamaqembu ahlezi enzakahle aphakamisa ifulegi lakuleli phezulu kodwa engatholi ukuphakanyiswa okufanele.

Ngaphambi kokuthi ngiqhubekele phambili ngithanda ukubongela iqembu lomqhakiswano lakuleli iSpar Proteas ngokudlala kahle liphume indawo yesihlanu emidlalweni wamazwe omhlaba ilandela ngemumva i-Australia engompetha bomhlaba ebholeni lomqhakiswano kuze iNew Zealand .

Nakuba lezintokazi zihlezi zenza kahle futhi ziqinisekisa ukuthi iNingizimu Afrika ziyibeka ebalazweni lomhlaba kodwa kuyiqiniso elimsulwa ukuthi aziqhakambiswa zihlonishwe ngendlela kodwa abesilisa baqhakambiswa ngisho ngabe baboza kanjani, angazi lokhu akwenziwa uhulumeni kuphela kepha nabantu bakuleli baye beyishaye indiva nje into enhle eyenziwa iqembi labesibhuda lebhola lomnqakiswano.

OLUNYE UDABA: INGOSI:AmaZulu ayangiphoxa angamagwala

Kwenziwa yini ukuthi bengalutholi uxhaso olwanele lencabha ayigcini ngokuthi yenzeke emazingeni aphezulu kuphela nasemazingeni aphansi imidlalo yabesifazane ebholeni lomnqakiswano ayinakwa nakuba kwakhiwa izinkundla ezabo azakhiwa ,Iqembu lesizwe lakuleli lomnqakiswano litshengisile ukuthi elakuleli linekhono elimangazayo  kulomdlalo lokhu kufakazelwa uthi selikeliswe unomboli wani ezwenikazi laseAfrika .

UMlando uyazikhulumelela kuqembu labesifazane lebhola lomqakiswano kundebe yomhlaba ngonyaka wango-1995 lilale isibili ,ngonyaka wango-1999 libe endaweni yesihlanu nango-2003 eJamaica laba sendaweni efanayo wango-2007 eNew Zealand libe sendaweni yesikhombisa ngonyaka wango-2011 labasendaweni yesihlanu  akupheleli lapho leliqembu lihlezi libalwa namazwe ahamba phambili emhlabeni njenganalokhu nasemidlalweni yamaCommonwealth isikhathi esiningi lisohlwini lamaqembu ayishumi ahamba phambili.

Sekuyisikhathi manje ukuthi siliqhakambise iqembu labesifazane leNetball ngingajabula uma uhulumeni engenza konke okusemandleni ukuthi lomdlalo uphakanyiswe emazingeni aphansi .

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter








We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think Minister Blade Nzimande made the right call to dissolve the NSFAS board?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, NSFAS mismanagement is costing students
34% - 460 votes
No, it's suspicious given that he's implicated
66% - 878 votes
Vote
Rand - Dollar
19.02
-0.2%
Rand - Pound
23.65
-0.2%
Rand - Euro
20.22
-0.3%
Rand - Aus dollar
12.20
+0.1%
Rand - Yen
0.12
+0.0%
Platinum
975.30
-0.1%
Palladium
1,024.50
+0.2%
Gold
2,391.89
+0.4%
Silver
28.32
-1.9%
Brent Crude
90.10
-0.4%
Top 40
66,902
-2.2%
All Share
73,000
-2.1%
Resource 10
61,638
-3.6%
Industrial 25
98,321
-1.9%
Financial 15
15,650
-1.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE