isiZulu

Ababoni ngasolinye kwelezibhamu - Umbono

2012-07-30 15:53
Cape Town - Abahambisi bosizo oluphuthumayo eWestern Cape sebekugxekile ukuphathwa kwezibhamu okwenziwa ngabanye bozakwabo abathi bazama ukuzivikela.

Isikhulu kwa-Emergency Medical Services uCleeve Robertson uthi ukholwa wukuthi ukuphathwa kwezibhamu kwakona kuzodonsa izigilamkhuba.

Abafundi babeka eyabo imibono.

UZama Charisma Khumalo uthe:  Mina angiliboni iphutha uma beohatha izbhamu ngoba vele zikhonja izigameko ezenzekayo zokuhlaselwa kwabasebenzi.

 ngoba phela zabikwa izigameko zokuhlaselwa kwabo so ngaleyo ndlela abaziphathe

UMshane Ngubane uthe: Kwamanje izigebengu ziyabahlasela, ngalokho ngithi abaziphathe izibhamu.

USgwili Mkhize uthe: Ngicabanga ukuthi akubalulekile ukuphatha kwabo izibhamu.

UZama Abigail Mhlongo uthe: Angiliboni iphutha uma beziphatha ngoba bazobe bezivikela.

UMusa Ndlovu uthe:  Impilo iyodwa, bengaziphatha ngoba bayahlaselwa nabo.

Alikho iphutha lapho.

UShilo Mnguni uthe: Abaziphathe ukuze bazivikele ngoba sekukaningi sizwa izigameko zokuhlaselwa kwabo besebenza.

USboniso DjWesti Mthabela uthe: Ukuziphatha kwabo kuzobadonsela amanzi ngomsele ngoba izigebengu zizokwazi bese zizifuna lezo zibhamu.

UThandiwe Ndlovu uthe: Cha iphutha angiliboni ngoba abaphuli mthetho ngazo kodwa benzela ukuzivikela.

USifiso Xhakaza-Nodlela uthe: Angiliboni iphutha lapho, umuntu kumele azivikele uma impilo yakhe isengozini futhi ngibona kuwuhulumeni ekumele abanike zona.

UBongane Ngubane uthe: Abahambe naphoyisa noma nonogada ngoba ngempela izimpilo zabo zisengozini.

Kumele uMnyango weZempilo uluuskumele loludaba.

 

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


News24
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)