isiZulu

Abakuqondi ukukhokhela intela - Umbono

2012-07-12 16:30
Cape Town - UNgqongqoshe woMnyango wezezimali uPravin Gordhan waxwayisa abahlali baseNingizimu Afrika wathi kumele bakhokhe intela, kungenjalo babhekane nengalo yomthetho.

Njengoba isiqalile isizini yokuqoqwa kwayo intela, abafundi bakhombisa ukungaqondi ngokuphelele ukuthi iyini futhi ikhokhwa kanjani.

USilindokuhle Gumede uthe: Angiyiqondi neze indaba yentela.

Ngiyikhokha uma kwenzenjani futhi ikhokhwa ngabanjani, bengiyikweleta nini?

USenzo Mbhele uthe: Kwenzekani uma uneminyaka ungakaze uyikhokhe, abantu abaningi abamnyama abazi lutho ngentela.

UMduduzi Mtolo uthe: Kumele umuntu aye kwaSars, ayozwa khona.

UTeh Chamane uthe: Kuyenzeka inkampani oyisebenzelayo kube yiyo ekukhokhela intela.

Kuyingozi ukungakhokhi.


Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

 


News24
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)