Share

Abamfuni uLady Gaga - Umbono

Cape Town - Ngenyanga eyedlule abahlali base Philippine babhikishile bekhombisa ukungakwamukeli ukuvakasha komculi uLady Gaga ezweni labo.

Abahlali bakhale ngendlela lo mculi agqoka ngayo kanjalo nokwelumela kwezinhlamvu zomculo wakhe.

Muva nje kumenyezelwe ukuthi uLady Gaga uzotheleka kuleli likaMthaniya, abafundi abaningi bathi abafuni nokumbona lo mculi kuleli.

UBuyi Shabangu Letsoalo uthe: Angeke ngilubhade ekhonsathini yakhe.

UJohnson Mayibenye
uthe: Angalokothi abeke umnconjwana wakhe kuleli, asifuni lutho olusihlanganisa namadimoni akhe.

USamke Mhlongo uthe: Phinde, qha angalokothi eze kuleli.

UNomathemba Khambule uthe: Bengimthanda kodwa hhayi manje, siyaxolisa angezi.

UNqaba Cebekhulu uthe: Qha ngeke phela nguSathane loyo.

USma Majola uthe: ULady Gaga beno Justin Bieber bangalokothi beze eNingizimi Afrika, nami impela ngiyisoni kodwa angeke ngidle abantu.

UMdumiseni Xulu uthe: Angalubhadi kuleli.

UZama Shwarla uthe: Angifuni lutho olungihlanganisa nezikhonzi zikaSathane.

UMxolisi Buthelezi
uthe: Ngimuzonda ukufa, angiyifuni nendlela aziphethe ngayo unguSathane.

UDumsane Ntshangase uthe: Akahambe ashone njengespikili, uzofundisa izingane zethu imikhuba emibi.

UPhumlani Mzila uthe: Uma nimamukele kuzomele namukele namadimono akhe, uyisikhonzi sikaSathane uma ungakukholwa lokho yenza ucwaningo.

USfiso Khumalo uthe: Noma ngabe kungenwa mahhala mina angiziboni ngihambela lelo dili lomculo wakhe, futhi angithandi nokuthi izingane zami zazi nje ngaye ngoba angiyithandi impilo yakhe.

USizwe Mpanza uthe: Angalokothi ahambele kuleli.

U-Ayanda Gumede uthe: Angalinge eze  kuleli, ukhonza uSathane.

U-Andiswa Guga
uthe: Noma kungathiwa kungenwa mahhala ngeke ngilubhade kuleyo khonsathi yakhe.

UZolile Ntuli
uthe: Angimfuni uLady Gaga uyisikhonzi sikaSathane uzotshala amadimono akhe kuleli, sengathi uJehova angisilwela thina maKrestu lingaweleli lana lelo dimoni.

UGugu Gigaba
uthe: Angeke nakancane ngeseke umuntu oyisikhonzi sikaSathane, ngeke ngivume nokuthi ingane yami noma umngani wami ahambele ikhonsathi yakhe.

 

Thumela umbono wakho ku-isizulu@news24.com

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

  Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
How often do you go to the cinema to watch new movies?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Often - nothing beats the big screen
2% - 16 votes
Hardly - I prefer streaming online
68% - 542 votes
Sometimes - it depends on the film release
30% - 238 votes
Vote
Rand - Dollar
19.13
-0.6%
Rand - Pound
23.82
-0.6%
Rand - Euro
20.37
-0.4%
Rand - Aus dollar
12.30
-0.5%
Rand - Yen
0.12
-0.5%
Platinum
953.80
+0.1%
Palladium
1,044.00
+0.9%
Gold
2,379.42
+0.8%
Silver
28.47
+0.9%
Brent Crude
87.29
-3.1%
Top 40
67,116
+0.3%
All Share
73,206
+0.3%
Resource 10
63,020
-0.6%
Industrial 25
98,375
+0.6%
Financial 15
15,505
+0.8%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE