isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Abaneme kahle ngabokufika - Umbono

2012-06-25 16:19
Cape Town - Imvamisa uma abantu bebhikisha kuvamise ukuthi kwande izigameko sokushiswa kwezitolo zabantu bokufika nokunye ukuhlukumeza okubhekiswe ngakubo.

Kamuva i-ANC iphakamise ukuthi zincishiswe noma ziqedwe izitolo zabo emalokishini.

Abafundi babeka izimvo zabo ngokusho kweqembu.

USimphiwe Mazeka uthe: Yebo kuzofane impela zincishiswe, abasizi ngalutho vele.

UThemba Ngwenya uthe: Aziqedwe abanikeli ngalutho emalokishini.
 
UZamancwane Khoza uthe: Mina angiboni kuyisu elihle lelo, nabo bazama impilo futhi bathengisa kahle kunabantu balana eNingizimu Afrika.

UMpume Mnyamazane uthe: Ngiyabazwela ngoba baphila ngazo kodwa ngakolunye uhlangothi  bakha imali ngezinto ezingakwazi ukuhalala isikhathi, yonke into yabo ingumbombayi.

UMakoa Buthelezi uthe: Sikhala ngamathuba emsebenzi, uma sithi siyazama ngezitolo siphucwa ngabezizwe.

Kungani bengathengisi ngakubo, uma behlupheka thina siyabusa yini?


UKwanele Mbatha uthe: Kungangcono ziqedwe ngoba bathengisa izinto ezingalungile, izimpahla zabo uma uziqhathanisa nezinye izimpahla kunomehluko omkhulu.

Kumele baxoshwe nama-woonga nokunye okungakulngile abafika nakho.


UCollins Khathi uthe: Mazivalwe nje kuthuthukiswe izakhamuzi zalapha eNingizimu Afrika.

UPercy Ngidi
uthe: Azingancishiswa aziqedwe...ngabona eBotswana kudlala iBafana Bafana khona, umdlali ngaphambi kokuthi angene kuhlolwa imvume yakhe.

Ngabona ukuthi amazwe abo ayawuqinisa umthetho wokungena nokuphuma kwabantu bangaphandle kodwa ku leli abantu bayazenzela, benza nobugebengu, uma bengabenzanga bona ubugebengu bazodayisa izidakamizwa ezizodala ukuthi intshontshe.

Ngithi mina akungene umuntu ngemvume owaziwayo ukuthi uzokwenzani.

UWiseman Manana uthe: Abavumelana nalokhu angeke ngize ngibabeke icala ngoba vele iningi lethu sigcwele inzondo embi kwamanye abantu base-Afrika, kwathina sisodwa asizwani kahle siphinde sicwasane ngokobuhlanga.

UBonga Phungula uthe: Kumele bahambe babuye ngendlela efanele.

UThula Luthuli uthe: Yinto ekwakumele ngabe yagwenywa ekuqaleni ingaze ichume, mina ngithi abasizwe bavalelwe lezitolo zabo ngoba bona ngokwabo ngeke bazivale bese imiphakathi kube sengathi iyabahlukumeza.

Sebekhombis
ile ukuthi bangamahlongandlebe, noma kwenzekani kubo bazoqhubeka bande kakhulu kunakuqala, asifundeni emlandweni namaNdiya ayekwa buka izwe lakwaZulu linjani namuhla yiwo.

Abagoduke.


Siphiwe Khumalo uthe: Okokuqala, laba bantu bokufika bakhokhela indawo yokusebenza kule mizi abaqashe kuyo, Okwesibili, inani lezinto abazithengisayo ikakhulukazi lokhu kwansuku zonke njengobisi, amaqanda, ushukela, njalonjalo... kushibhile ukwedlula lawa amanye amalunga omphakathi athengisayo nawo, okwesithathu laba bantu abanalo udlame futhi abazona izinswelaboya.

 Balapha nje ngoba bezozama impilo, manje uma bexoshwa baxoshwa ngaliphi bengone lutho?

Khona-ke sekuthiwa bayakhishwa, abakuleli bona bazosala nendlala ngoba bondliwa yibo lanba bantu bokufika.


Sengiphetha, i-ANC ayiyeke lomqondo wayo omubi! Sebefuna ukubuyisa loluya dlame ebesesithi seluphelile.

Laba bantu abonanga lutho, bathathe ini kabani?

Bayekeni bakithi baziqhubele amabhizinisi ngoba abanye bethu baphila ngabo.

UJohn Sabela uthe: Kungcono zivalwe ngoba badayisa nezidakamizwa kulezi zitolo, wake wasibonaphi isitolo esidayisa ama-chips kodwa singawi?

UManqoba Zuma uthe: Abahambe ngempela laba bantu, basiqedela izindawo zokwenza imali.

UDumisane Mtshangase uthe: Angivumelani ne-ANC, abantu bokufika basidayisela ngamanani aphansi izinto.

UVegitable Buthelezi uthe: Sebephelelwe izinto abangazenza, uma bexoshwa benzeni kubani?

Lento izoqalisa phansi udlame.

UMondli Ncanana uthe: Mina bengingenankinga nabo kodwa ngathi sebengena kakhulu, kumele bahambe beyothuthukisa amazwe abo manje iningi lemali asebeyenzile.

UBongani Mkhaliphi uthe: Mina angisho ukuthi abashiselwe izitolo makubhikishwa, aziqedwe, yebo.

Njengoba kushiwo nje, ungabona sengathi bathengisa kahle wena, loku okuthengiselwa emasitheleni kulungile na?

Abaculi bayakhala ngalama-CD namaDVD, omgunyathi nathi sesafunda kubo, ekugcineni kuthiwa mabaphathwe kahle, emva kwaloko kuthiwe iNingizimu Afrika inobugebengu kakhulu.

UPhilangenkosi Masondo
uthe: Abantu bangaphandle aziqedwe izitolo zabo emalokshini lapho engihlala khona eLimpopo bazitika ngezingane ezincane zemizi entulayo balala nazo bazimithise maqede bazinike ukudla ziyopheka kudliwe emakhaya.

Laba bantu banonya kabi omunye umama wakhanda isitolo esifana nesabo bafika basidiliza ebusuku, mina ngisola nina bantu bakuleli nibakhulekele kakhulu abokufika.

UHalalisani Ndlanzi uthe: Ngiyavumelana ne-ANC ekuqedweni kwezitolo zabo kuleli laseNingizimu Afrika.

Uma ungase ubheke ikakhulukazi la eNewcastle badayisa ama-DVD namaCD omkokotelo, kudayiswa nezinto zikagesi ezingaphasisiwe ngabakwa-SABS, bonke abahambe kuleli manje.


 

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

 




News24
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)