Share

Abantu abangadatshukelwa ngoba bengabesifazane

Cape Town - Ngenxa yenhlabamkhosi ehlonzwe uhulumeni kanye nabalwela amalungelo abantu, kuningi ukuxhaphazeka okubhekene nabantu besifazane osekuhlale obala wena owabona impahla yembuzi.

Lesandla sokuphatha abantu besifazane ntofo-ntofo sesigcine sahluma isihlava sokubenzelela nalapho kungekho sidingo khona.

Omunye umngani wami wesifazane usanda kukhala ngobudedengu bomshayeli webhasi omshiye emile esitobhini kusempondozankomo. Lo mngani wami ugcizelela lento yokudatshukelwa kwabantu besifazane kulesi sikhalo sakhe uthi “umshiya kanjani umuntu wesifazane emi yedwa esitobhini sebhasi kusemnyama”…yimihlola kaJames!

Yingoba benjani abantu besifazane, bakhubazekile?

Kubi ukushiya umuntu emi yedwa ebumnyameni angikhathali kungaba yindoda kumbe owesifazane, abantu esikhundleni sokulwa nesihlava sobudedengu nokunganakekelani kwabantu bagxisha udaba lobulili.

Athi umuntu “hayi bo akashaywa umuntu wesifazane”…ungazodlala la wena, ubani okumele ashaywe, yindoda? Akukuhle ukushaywa komuntu noma ngabe yindoda noma owesifazane noma ngabe isitabane.

Abantu mabazifundise ububele nokunakekelana ngaphandle kokufaka ubulili kulokho.

Ubabomncane wami wayeshayela amaloli, uthi ngelinye ilanga ebusuku emgwaqweni onguthelawayeka onyukelayo lapho iloli lakhe lincenga kancane, abone owesifazane eceleni komgwaqo amumise, ayikhwebule iloli emela lona wesifazane.

Uthe emvulela isicabha ngakwesobunxele kwakukhala esakhe (umshayeli) isicabha sezi-la izinsizwa zamkhomba ngenhlokohlela zamehlisa phansi zamshiya enqunu, zalibasa iloli naye lo wesifazane osetshenziswe njengodobo ukuthithibeza ingqondo yomshayeli.

Ubugebengu bubi noma ngabe benziwe ngubani, kodwa lokho akungasivimbi ukusiza abantu lasibona kuphephile khona. Makungadatshukelwa abantu besifazane begcine sebenzelelwa ezintweni eziningi.

Kepha la inhliziyo yakho nonembeza wakho ukuvumela ukwelula isandla ungakusebenzisi ukuthi “ngenza ngoba kungowesifazane” ngoba wohlangabezana nembibizane.







 Ungaxhumana neNtshebe ku-sbmvula@gmail.com


Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 386 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 532 votes
Vote
Rand - Dollar
18.94
-0.2%
Rand - Pound
23.91
-0.1%
Rand - Euro
20.43
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.34
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.1%
Platinum
910.50
+1.5%
Palladium
1,011.50
+1.0%
Gold
2,220.00
+1.2%
Silver
24.86
+0.9%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.8%
Resource 10
57,251
+2.8%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE