Share

Akayeke amanga uLotter - ANCYL

Mhleli

Ake silungise lo baba ekuthiwa u-Andre Lotter ngoba ngathi ungenwa ilenkolo kaSathane bese edunyelwa ikhanda.

Ebukhanseleni akangenanga ngoba emuhle kunabanye kodwa wakhethwa ngoba uKhongolose iyona kuphela inhlangano ekuthi uma ikhetha ibheke zonke izinhlanga kanye nokumeleleka kobulili.

Kwaba njalo nangesikhathi engana kwesobukhansela.

Uthe engena wafuna ukuba uSodolobha, samchazela ukuthi akuhambi kanjalo kwaKhongolose, wafuna ukuba ikhansela laseZululand samtshela ukuthi uyikhansela le Ward, wafuna ukungena kwisigungu esiphezulu kuMasipala waBaqulusi kwangalunga nakhona. 

Wakhombisa ukudinwa wanyamalala isikhathi eside, umphakathi wase-ward 22 ubusungasapheli ehhovisi lakwa-ANC ufuna usizo, uma simbuza wathi ubeseholidini.

Ubuye lapho eseyisilwane ongasazi emphakathini ngale ndlela yokuthi waze wanqamulela umphakathi ipayipi elidlula epulazini lakwakhe. Uthe esuka wafuna ukuba nehhovisi lakhe nje yedwa elizoqashelwa yena edolobheni.

Yilokho-ke akubiza ngentuthuko eyenqabe noKhongolose, ukuba nehhovisi lakhe.

Wabe esejoyina iNkatha esingazi ukuthi waqhathwa yini nayo, kodwa kusobala nakhona ukuthi waxoshwa yizimfuno zakhe ezingapheli.

ULotter uzibona engcono kunamakhansela amanye.

Kumele simtshele ukuthi akekho ngcono kunomunye futhi asiqali ukuba nomlungu kade sasiba nabo.

Siyi-ANCYL eBaqulusini Region, siyayibongela i-NFP, mhlampe yona izomkhona kulezi zimfuno zakhe kodwa-ke nayo ayiyeke la manga athi usuke kwi-ANC weza kuyo.

ULotter usuke eNkatheni wabheka kwi-NFP, njengawowonke amalunga e-NFP asuka eNkatheni.

Uma enenkinga mhlampe ngesikushoyo siyintsha kaKhongolose, uyawazi amahhovisi kaKhongolose uzosithola khona. Akayeke ukuqamba amanga.

Ntokozo Nxumalo, uSihlalo we-ANCYL, kuMasipala waseBaqulusini.


Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
50% - 13 votes
No! It's time to move on ...
50% - 13 votes
Vote
Rand - Dollar
19.09
+0.6%
Rand - Pound
23.90
+0.2%
Rand - Euro
20.47
+0.4%
Rand - Aus dollar
12.46
+0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.8%
Platinum
917.40
+0.6%
Palladium
1,010.00
+0.5%
Gold
2,326.25
+0.5%
Silver
27.41
+0.9%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,776
+0.3%
All Share
74,686
+0.2%
Resource 10
62,136
+2.8%
Industrial 25
103,175
-0.8%
Financial 15
15,857
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE