Mhleli
Ngiyasizwa isinqumo sika Mnumzane uMeyiwa sokuthi akamdingi uKelly Khumalo emngcwabeni wendodana yakhe uSenzo, mina umbono wami uthi ubaba uMeyiwa akehlise umoya amukele ukuthi uSenzo udlulile emhlabeni.
USenzo bebethandana kakhulu noKelly futhi banendodakazi esikhulile, uKelly uyadingeka emngcwabeni wesoka lakhe futhi kuwumthetho ngokwesintu, okunye ekumele sikwazi ukuthi umuntu wesifazane kuye kuthi uma eshonelwe umyeni wakhe noma isoka lakhe, agezwe agezwe ngenyongo yokukhipha isinyama namashwa ngemuva komngcwabo.
Aangikholwa neze ukuthi bazokwamukela abazali baka Kelly ukuthi angayi emngcwabeni wesoka lakhe. Ubaba kaSenzo kumele enze izinto ngokomthetho, angaphathwa yihliziyo yokuthi vele ebengamthandi uKelly.
Akehlise ulaka amukele isimo mhlawumbe nomphefumulo kaSenzo uyojabula ubona unkosikazi wakhe uMandisa noKelly bemzilela.
Ozithoyabo
Ayanda Masondo Empangisweni
Funda nalo mbono:
Mhleli
Ngifisa umndeni wakwaMeyiwa ukwamukele ukuthi uKelly ubethandwa yindodana yabo. Uma bengihlisa inzondo bamukele isimo sinjengoba sinjalo, bangashesha nokuxola badlulise okubehlele.
Nkuli Sithole
Funda nalo mbono:
Mina ngiyavumelana nokushiwo ubaba kaSenzo ukuthi uKelly Khumalo engezi emgcwabeni wendoda. USenzo uze uyadlula emhlabeni ngoba ubesiza yena ezigebegwini esingazi ubexhumene nazo noma cha kodwa ingane kubalulekile ukuthi ibe khona emgcwabeni kababa wayo.
Lungelo eGingindlovu
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).