Apostle Vusumuzi Ndlovu - Yazi iBhayibheli likbeka ngokusobala ukuth ngisho uJesu ufihlelwe kanye nezingelosi azazi ukuth lolu suku lunini uNkulunkulu kuphela olwaziyo umuphi-ke lo ngqesta oselwazi, lowa mlungu wadlala ngabantu ngoMeyi ethi umhlaba uzobhubha mawungasabhubhi esebuzwa uselokhu ebakaza.
Mlungisi Mchunu - Akekho noyedwa odla anhlamvana ongakhuluma izindaba ezinjengalezo, noma kuthiwa uyaboniswa ngiyafunga, leyo nto iyimfihlakalo kaThixo, amanga aluhlaza lawo nokuphupha kwabantu nje ngoba banjalo.
Mazwi Khumalo - Phela abantu sebafunda kakhulu singathini yilobu buchwepheshe osebafika kodwa isithanda ukunyanyisa le nto ofuna ukubhubha akazilengise ayeke ukutshela thina.
Lindiwe Ivy kaMlambo - Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, ngakho-ke kholwani kimi, akekho owazi imfihlakalo yophezulu. Kusasa kobhubha umhlaba kaSathanei nezimpelesi zakhe, mina nendlu yami asiyi ndawo. Ningamangali nasekuqaleni uNoah wasala nesizukulwane sakhe.
Futhi Nomkhosi Dlamini - Akukho nje engifisa ukukwenza ngenxa yale mbudane yababona umhlaba obhubhayo. Kusho ukuthi lo osho njalo uyena obhubhayo kusasa, abhubhe kahleke thina sisabheke ku-2013. Sakhathala abaprofethi ababolile abagcwele la ngaphandle.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter
Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.