Share

Akekho umuntu othanda isiqeda esimanzi

Cape Town -Thina esikhule sithenga iziqeda sazi kahle ukuthi sasingalokothi sithenge isiqeda esimanzi.

Uma ufike emzini ezidayiswa kuwo, watshelwa ukuthi zimanzi, wawujika futhi nomdayisi angadinwa ngoba wayekuqonda ukuthi asithandeki isiqeda esimanzi.

Ziningi izinto ezenzeka emizimbeni yethu thina bantu besifazane esingazithandi nezingabukeki kahle.

Ezinye zalezi zinto kuba yiminyama, izinduna, ukukhuluphala kakhulu, ukuncipha kakhulu kanjalo namabele athambe ngokweqile.

Amabele athambe ngokwedlulele ngiwafanisa neziqeda ezimanzi, awajabulisi. Uma ucabangisisa isiqeda esimanzi, kuqabukela ubona umuntu ekhetha sona sikhona esiqinile.

Yize noma sasisithanda, sasingasilokothi uma sesithole ukuthi simanzi.

Ngiyafisa amantombazane akuqonde futhi anganyeli uma abasondelene nawo bengachazeki ngokuthamba kwamabele ngokweqile.

Le nhlekelele eyehlakalela abesifazane isingifundise ukwamukela umzimba wami unjengoba unjena ngiphinde ngiwuthande ngoba angazi ikusasa lingiphatheleni.

Ngikhule ngigconwa ngokuba namabele amakhulu, abantu besebenzisa amagama afana nomoto yobisi, insengwakazi, iClover namanye amaningi.

Abanye babeze bacele ukuwathinta befuna ukuzwa ukuthi awangempela yini...lokhu kwakwenziwa nayisifazane.

Kunesoka elathi: "Njengoba wafutha amabele nje, uyezwa yini ubumnandi uma ngikuthinta?"

Ekuqaleni kwakucasula kodwa sengafunda ukuthanda amabele ami enjengoba engaka.

Angeke sonke sibe nemali yokunciphisa noma yokuqinisa amabele, mhlampe ukhiye ikhona ukuthi samukele lokho esekuyikho siphinde sifunde isifundo sokuthi ikusasa alaziwa.

Abanamabele amancane ababesihleka, ngiyacabanga manje sebeyafisa engabe nabo babephiwe njengathi esifubeni.

Phela thina singancelisa, sikhule, sikhuluphale sinciphe kodwa lamaHumps ethu awayi ndawo.


Buka i-video, hleze iziyalo engizifakile zikusize.

Singaxhumana kuNtombizenele Mtshali noma kuzanelewakwamtshali@gmail.com





Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 388 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 536 votes
Vote
Rand - Dollar
18.94
-0.2%
Rand - Pound
23.91
-0.1%
Rand - Euro
20.43
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.34
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.2%
Platinum
910.50
+1.5%
Palladium
1,011.50
+1.0%
Gold
2,221.35
+1.2%
Silver
24.87
+0.9%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.8%
Resource 10
57,251
+2.8%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE