Share

Akenziwe umengameli wezwe uBusi Mkhize

Durban - Kunabantu abagqama babe ngodumezweni ujike ungasiboni nesizathu sokuthi benziwe osaziwayo.

Kuphinde kube khona abantu abathi noma bebengaqonde kugqama nakugqanyiswa kodwa izenzo zabo kube yizo ezikhulumayo kucace ukuthi kumele benziwe abaholi phezu kokuthi bona bebengakhathalele kuthotshelwa nakuphakanyiswa.

Namanje ngisagcwele umuzwa wemiklomelo yezindondo, ama-MTN Radio Awards.

Ebantwini abaningi abaqokiwe nalabo abawinile, kunowesifazane onganakiwe kodwa onobuholi obuqatha, uBusi Mkhize lo osebenza emsakazweni uKhozi FM, oshayela izinhlelo zezindaba.

UMaMkhize sengike ngathi ukumlandelisisa kahle ngimbuka, le ntombazane inobuholi namava amakhulu futhi iyazimisela emsebenzini wayo.

UBusi ngimazi esasemsakazweni iKNI-Radio engingayazi yaphelelaphi, siyabonga ukuthi akanyamalalanga nayo.

Umsebenzi wakhe omuhle uqhubeke nawo sambona eseseHighway Radio, la khona afike waba ngumhleli wezindaba, sathi sisalokhu simbongela, sambona esekwiGagasi FM, nalapho wangahlala njengoba esesoKhozini FM.

Efikile oKhozini usefike wabhincisela nxanye izingqongqo zakhona ezaziwayo, waqokelwa indondo waphinde wabuya nayo.

UMamgobhozi uthanda ukuthi Halala ntombazane!!!!

Isifiso sami ngoBusi ukuthi manje enziwe umengameli wezwe.

Ukukwazi ukuyibamba ishisa ehola amakinati emsakazweni yomphakathi, nokukwazi kwakhe ukuvula iminyango ivaliwe, kubeka obala ukuthi unento enkulu aphathiswe yona nangaba yiyo ezweni lethu.

UBusi ngiyazi uma engase anikwe ithuba lokuba ngumengameli, iningi imfeketho eqhubekayo kuleli angayiqeda nya, igcine isingumlando.

Njengoba selokhu kwathi nklo, singakaze sizwe kuthiwa uBusi unendoda, angikuhlawumbiseli ukuthi angathi uma engena kwesobengameli, afike avale kuqala imali yeqolo.

Phela ayikho into ecika umuntu ongazele njengokubanjelwa imali emsebenzini kuze kuzokondliwa lezi zingane zezingane ezigcwele iNingizimu Afrika.

Uma uMaMkhize engaba ngumengeli ngiqinisekile angayivala le mali.

Umkhuba wokubhanqa amadoda ngiyacabanga nawo angawuvala, kuthi abatholaka bewephulile bavalelwe emajele.

Ukungaqomi kwakhe phela asazi noma kwenziwa wukuthi njalo ufika amadoda esephelile esethathwe ilolu hlobo ekuthiwa amaqoqa, lolu oluthatha okuncane luthathe okudala.

Yize noma selokhu ngaba yimi ngingakaze ngizwe kuthiwa kukhona umuntu owake waxabana noBusi, kuyangifikela ukuthi unayo yena inenhliziywana embi.

Umuntu onjani ongangoBusi ongakaze aqome?

Mhlampeke kungenzeka ukuthi uyile nhlobo ekhonze umshado, uma kunjalo akenziwe umengameli impela kuze ezoshaya umthetho wokuthi aboshwe amadoda angaphezu kuka-33 angenamakhosikazi.

Hleze nathi bo Mamgobhozi kube khona abakhalela kithi sebebalekela ijele.

UBusi unamava amakhulu emsebenzini wobuntatheli awenzayo, siyacela afakwe nakwezinye izinhlaka, mhlampe enzinwe isiShayamthetho, hleze angagcina eshaya imithetho engavuna nathi igenge engangaye sigcine sibonakala ukuthi sophelelaphi.


 




Ungaxhumana noMamgobhozi kuMamgobhozi1 kuTwitter noma kuFacebook, kuDefenderKaMaMgobhozi

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 939 votes
No! It's time to move on ...
33% - 457 votes
Vote
Rand - Dollar
18.81
+1.1%
Rand - Pound
23.52
+1.2%
Rand - Euro
20.13
+1.3%
Rand - Aus dollar
12.30
+0.8%
Rand - Yen
0.12
+2.4%
Platinum
922.80
-0.3%
Palladium
962.50
-2.8%
Gold
2,339.27
+0.3%
Silver
27.29
-0.5%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE