Share

'Akulona ijoka likaNcwane ukondla unina'

Dueban - Sengithule kwanela ninephuza uSfiso Ncwane nizikhulumela ukuthanda kwenu njengodokotela.

Lithi iBhayibheli hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, alisho lutho ngokubondla.

Kunalokho ukondla kuvela laphaya ezifungweni zomshado lakuyalwa khona indoda ukuthi mayondle umkayo ngandlela zonke ngaphambili nangemumva nanhlangothi zonke!

Yize noma ngikuhlaba ukudiza ngonyanyavu lwemoto kumfundisi okwenziwe nguSfiso Ncwane, ngibona kungukugagamela ukuthi bekumele agcwalise i-fridge likanina ngaphambi kokwenza loko.

Lo mama okuthiwa unina kaSfiso akagugile neze usemncane kabi, kumele engabe uyakwazi ukuziphantela.

Funda nalolu daba: Mhleli, nginenkinga nomazisi

Kakade ubani owathi kuyijoka lethu ukondla abazali?

Sizoyondla siyikhulise nini eyethu imindeni uma sizothembuza sondle ekhaya nakwakho?

Inerobhani le ndaba yokondla ekhaya.

Ningizwe kahle angisho ukuthi uma senikhulile hambani niyodla imali nononkiloyi emadolobheni nikhohlwe yikhaya.

Kepha kubalulekile ukuthi nabazali bangabi yitshe nomthwalo emahlombe ezingane zabo.

Yize ngingeke ngathi yisiko elimile kepha abelungu uma sebeqedile isikole kubhekeke ukuthi baphume inxiwa bazimele.

Kangangokuba kuye kwenziwe ihlaya abantu abahlanganisa iminyaka engamashumi amathathu besahlala ekhaya nabazali. Lokho kusho ukuthi izingane ziphoqelekile ukuthatha izinqumo ezisile ngezimpilo zazo zokuzimela.

Funda nalolu daba: Ayibhekisiswe eyabadwebi

Lo Sfiso osenyamanambana kwabaningi niyakhohlwa ukuthi uye lo owakha lowamuzi kanina, wawufaka konke okuphakathi kubalwa nalo i-fridge lelo osekuthiwa akasaligcwalisi…mameshane!!! Wayedliwe empini yini lo Sfiso wakhona, mhlambe wayenukwe eMbongolowane!

Le yokunikela kwakhe ngemoto eyakhe nomfundisi wakhe phumani kuyona.

Ubani nina onikhulumisayo ngalezinwele zenu zokudlala nalo mthuqasi eniwugcoba ebusweni, kubiza malini, hhe? Ningazonginyusela ushukela nina bo!!!

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
42% - 370 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
58% - 504 votes
Vote
Rand - Dollar
18.94
-0.2%
Rand - Pound
23.90
-0.0%
Rand - Euro
20.44
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.34
+0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.1%
Platinum
908.75
+1.3%
Palladium
1,014.28
+1.3%
Gold
2,218.96
+1.1%
Silver
24.81
+0.7%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,346
+1.0%
All Share
74,536
+0.8%
Resource 10
57,251
+2.8%
Industrial 25
103,936
+0.6%
Financial 15
16,502
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE