Ngithi angibeke uvo lwami ngemuva kokulandela icala lika-Oscar Pistorius. Mvikeli woMphakathi ngicela ukufaka isimangalo ngoba ngiyazi wena ushesha njengonyazi ukusivikela noma kokunye singakucelanga.
Ngikhathazwa udaba lomgijimi kanye noJajji uThokozile Masipa.
Ngibona sengathi bayajola laba bantu, kungani uMasipa emzwela kanjena lo mgijimi.
Wafike wathi akabulalanga ngenhloso sibe sonke sazi ukuthi wadubula amahlandla amaningi ebhekise kuReeva Steenkamp? Angeke kube iphutha lelo, wayehlosile ukumbulala.
Funda nalolu daba: U-Oscar angase ahlale ejele izinyanga ezungu-10 ejele
Useyaphinda manje usemnika isigwebo seminyaka emihlanu kuphela, ngeke kukhona okushaya amanzi.
Ngike ngimbone indlela ambuka ngayo uMasipa uPistorious, umbuka ezinhlavini zamehlo ubone nje kulokoza uthando lana. Uze abone izibuko ziyamsitha agobise ikhanda ngoba efuna ukumbuka kahle.
Mvikeli woMphakathi ake umphenye Masipa, kunuka inkohlakalo yodwa.
Obhalile yimina
UJC ngcongo
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.