Cape Town - Ngemuva kokubulawa komunye weqembu iNational Freedom Party, obulawe ngempelasonto KwaZulu-Natal, sibuze abafundi ukuthi babona kungaba yisiphi isixazululo kulesi sihlava sokubulawa kosopolitiki okubhilitile esifundazweni.
Baphendule kanje:
ULungisani Lil'lungst Gumede uthe:
Isigwebo sentambo yisona esekumele sisebenze.UQabane Zimele Mhlanganyelwa Mkhize uthe:
Mina ngibona kudingeka kufundiswe abantu ngezombusazwe, kungafundiswa kuphela abe-ANC, nabamanye amaqembu bayadinga ukulhonyiswa ngolwazi kuze beziokuba nokuqonda okuphelele.
UThabani Innoh Msimango uthe:
Uphenyo olunzulu luyosiza ukulwa nalobu bugebengu.UZama Mkhize uthe:
Konakelephi abantu bebulalana bodwa, sekwanele phela manje akusizi lokhu abakwenzayo kodwa kucekela phansi nesithunzi samaqembu abo.
UPhilane Malinga uthe:
Uhulumeni akalusukumele phezulu lolu daba kuphenywe ngempela, zigwetshwe lezi zigebengu ngesigwebo esikhulu.
Leli dimoni phambilini belingenele isifundazwe iMpumalanga manje sekuyiKZN.
UXolani Mazibuko uthe:
Kumele abaphathi bamaphoyisa bakhe ithimba elizobhekana kuphela nokuphenya ngalezi zigameko ezithinta amacala ezombusazwe.
UMzwe Innocent uthe:
AbeNFP bayazi bona ukuthi inkinga ikuphi, umkhuba usekhaya.UFana KaGagashe Zondi WaAfrica uthe:
Mina nginombono wokuthi iNFP ayifune abaphenyi abazimele ababukhali nabahlakaniphile ukuze kuzobanjwa laba asebeqede abantu.
Kuzomele iNFP ingathembeli kakhulu kuSAPS ngoba amaphoyisa ayathengeka, nibonile abantu abaningi bafele ezandleni zamaphoyisa esetshenziswa yi-ANC.
Ngikhuluma nje kunamalungu e-IFP esesawangcwaba ngenxa yeSAPS isetshenziswa yi-ANC.
Uma iNFP ingazenzela yona uphenyo kungehla ukufa kwamalungu ayo.UKhumbulani KB Buthelezi uthe:
Indaba yamaqembu amaningi iyona ebuye idale uqhekeko ngoba abantu bagcina bengazazi ukuthi bahamba nobani.
USphiwe Njebomvu Mgube uthe:
Akwenziwe uphenyo kungaqagelwa ngoba bazovele bathi kuhlasela iqembu eliyizimbangi zeNFP.
Kuyanyanyisa ukuzwa abantu bethi iNFP ebulele umuntu we-IFP kanjalo ne-IFP ibulele umuntu weNFP, akuphenywe kuboshwe umenzi qha.
UZandile Mchunu uthe:
INFP ibulalana yodwa, ngikusho lokhu ngoba eMzinyathi kufe amalungu eNFP amabili.
INFP ne -IFP kuyafana, kunempi kokubili.
UBongani Thango Ngorowa Muzi uthe:
Babulalana bodwa, akungasukelwa ezinye izinhlangano, umkhuba usekhaya.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
News24