Share

Akwande ukufundisa ngenkomo!

Cape Town - Nginokufunda imibhalo yaleliqhalaqhala eliwuNtombizenele Mtshali…hheyi uyayithanda ilokhuzana yakhe nangu umuntu, nokungenza ngisole ukuthi cishe wakhuliswa yisalukazi esasimcebisa ngokuthi iphathwa kanjani inkomo.

Abantu abaningi banginyonkoloza bethi ngikhuluma kabi uma ngithi kukhona omama abangakwazi ukuhlola izingane zabo ngoba bafundiswe ukuthi kuyihlazo ukukhuluma ngesibaya somnumzane. 

Angigxeki bona bodwa abesifazane ngoba nabafana sekuyabheda, asisekho isikole sasezinkomeni esangicija ngokuningi ngokuvusa umuzi kababa.

Imfundiso ehamba phambili yilena ehoshwa kodokotela kanye nezinganekwane zasemgwaqweni ezinye zazo eziyimikhuba yezizwe esisabalale nezwe lonke ngenxa yokudlondlobala kwezokuxhumana nokusabalaliswa kolwazi.

Angeke-ke ngabagxeka asebethole ukuthi isnemfu siyavuselela ubusha bakho ngoba vele asisekho isikole sokufundiswa ngemizimba yethu ukuyiqondisisa nokukwazi ukuthi isebenza kanjani nanokuthi iphathwa kanjani.

Funda nalolu daba: Achazani amafinyila aphuma enkomeni?

Ngiyakhumbula ekwaluseni kuningi esasicijwa ngakho ngenduku. Iva lomvuthwamini, ishoba lenkunzi, unqamulwe kanjalo umsipha noma umthambo ngoba uma ungawunqamulanga usengozini yokulimala kabi-kabi mhla uthola intombi-nto.

Angeke ngande kakhulu-ke ngeminingwane yokunye okuningi esasifundiswa kona ngoba zinciphile izintombi-nto kwanda omama abancane beqolo.

Manje amantombazane asegeza ngamanzi ashisayo, afake izinsipho ezinamakha kanti imfihlo ngekhekhe eliwunembe-wani ukuthi aliyazi insipho namanzi ashisayo kodwa lishaywa ngamanzi abandayo okulenza lihlale livutha-bhe lingenazo izithako ezingahlelekile ezifakwa yinsipho enephunga.

Kuyomele ningixhumanise nomaHlabangane lo, sakhe isikole sokufundisa legenge yesimanje ukuthi iphathwa kanjani inkomo nenduku ngoba ondukwana zobumba yibo laba abasenzela phansi sihlale sizwa koma Statistics SA kuthiwa “South African men this, South African men that” bebheda bengakaze babuza thina izintshebe.

Nabantu-ke ngoba ababuzi ukuthi ubani lo okhiphe leso-statistic bavele babambelele bathi ucwaningo luthi-luthi.





Xhumana neNtshebe ku-sbmvula@gmail.com

Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 405 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 852 votes
Vote
Rand - Dollar
19.08
+0.4%
Rand - Pound
23.61
+0.9%
Rand - Euro
20.32
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.25
+0.4%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
941.70
-0.9%
Palladium
1,024.00
-0.5%
Gold
2,395.49
+0.7%
Silver
28.75
+1.8%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE