Cape Town - Nginokufunda imibhalo yaleliqhalaqhala eliwuNtombizenele Mtshali…hheyi uyayithanda ilokhuzana yakhe nangu umuntu, nokungenza ngisole ukuthi cishe wakhuliswa yisalukazi esasimcebisa ngokuthi iphathwa kanjani inkomo.
Abantu abaningi banginyonkoloza bethi ngikhuluma kabi uma ngithi kukhona omama abangakwazi ukuhlola izingane zabo ngoba bafundiswe ukuthi kuyihlazo ukukhuluma ngesibaya somnumzane.
Angigxeki bona bodwa abesifazane ngoba nabafana sekuyabheda, asisekho isikole sasezinkomeni esangicija ngokuningi ngokuvusa umuzi kababa.
Imfundiso ehamba phambili yilena ehoshwa kodokotela kanye nezinganekwane zasemgwaqweni ezinye zazo eziyimikhuba yezizwe esisabalale nezwe lonke ngenxa yokudlondlobala kwezokuxhumana nokusabalaliswa kolwazi.
Angeke-ke ngabagxeka asebethole ukuthi isnemfu siyavuselela ubusha bakho ngoba vele asisekho isikole sokufundiswa ngemizimba yethu ukuyiqondisisa nokukwazi ukuthi isebenza kanjani nanokuthi iphathwa kanjani.
Funda nalolu daba: Achazani amafinyila aphuma enkomeni?
Ngiyakhumbula ekwaluseni kuningi esasicijwa ngakho ngenduku. Iva lomvuthwamini, ishoba lenkunzi, unqamulwe kanjalo umsipha noma umthambo ngoba uma ungawunqamulanga usengozini yokulimala kabi-kabi mhla uthola intombi-nto.
Angeke ngande kakhulu-ke ngeminingwane yokunye okuningi esasifundiswa kona ngoba zinciphile izintombi-nto kwanda omama abancane beqolo.
Manje amantombazane asegeza ngamanzi ashisayo, afake izinsipho ezinamakha kanti imfihlo ngekhekhe eliwunembe-wani ukuthi aliyazi insipho namanzi ashisayo kodwa lishaywa ngamanzi abandayo okulenza lihlale livutha-bhe lingenazo izithako ezingahlelekile ezifakwa yinsipho enephunga.
Kuyomele ningixhumanise nomaHlabangane lo, sakhe isikole sokufundisa legenge yesimanje ukuthi iphathwa kanjani inkomo nenduku ngoba ondukwana zobumba yibo laba abasenzela phansi sihlale sizwa koma Statistics SA kuthiwa “South African men this, South African men that” bebheda bengakaze babuza thina izintshebe.
Nabantu-ke ngoba ababuzi ukuthi ubani lo okhiphe leso-statistic bavele babambelele bathi ucwaningo luthi-luthi.
Xhumana neNtshebe ku-sbmvula@gmail.com
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.