Share

"Amadoda ayizinja"

Cape Town - "Amadoda ayizinja".  Lawa ngamagama ajwayele ukusetshenziswa ngabanye besifazane asebebone lukhulu kwezothando.

Kubuhlungu ukubona owesifazane ehlukumezekile kwezothando njengoba uthando kumele luhambisane nenjabulo ngasosonke isikhathi.

Nakuba kubuhlungu ukuhlukunyezwa kwanoma yimuphi umuntu kodwa kubalulekile ukuthi abesifazane baqale babheke izindlela abakhetha ngayo abesilisa abathandana nabo.

NgoLwesibili mhlaka 25 kuNovemba kuqala umkhankaso waminyaka yonke obizwa nge-16 Days Against Women and Children.

Sihlezi sizwa izindaba ezibuhlungu ngalesi sikhathi abantu besifazane bephumela obala ngokuhlukunyezwa kwabo ngabesilisa abanobudlelwano nabo.

Mangikusho kugcwale umlomo ukuthi akekho owesilisa ovumelekile ukuthi ahlukumeze owesifazane nanoma ngaluphi uhlobo. 

Sengikushilo lokhu nabo abesifazane make bazinuke amakhwapha ngezinto ezibahehayo kwabesilisa.

Lesi sihloko sinzima ngoba sithinta izinhlaka eziningi kubantu kanti kwabanye singavusa amanxeba ngenxa yalapho bephuma khona.

Kunabantu besifazane abahluleka wukukhetha uma kuyiwa ngasothandweni bese kuba buhlungu uma sebehlukumezeka othandweni.

Okubuhlungu wukuthi baphoxa inqwaba yabesilisa abazimisele ngabo bese bazikhethela izihogo uqobo lwazo.

Kunemibuzo ebalulekile okumele baqale bazibuze yona, yini ebaheha kwabesilisa abathandana nabo?

Yikuphi abakufunayo uma bengena othandweni?

OLUNYE UDABA: Ayiphele eyokubiza amadoda ngezinja

Uma kwenzeka izinto ezifana nalezi ngimane ngikhumbule elinye lamakhehla engake ngathamunda nalo, langitshela ukuthi nakuba bekhona abesilisa abayizinja ngezenzo kodwa okwenza konakale kakhulu wukuthi nabesifazane sebenothando okuyinto engaziwa emandulo.

Leli topane lakusho lokhu labe selingitshela ukuthi naseBhayibhelini akukho lapho kuthiwa abesifazane mabathande abesilisa kodwa kuqhakanjiswa ukuthi kumele bathobe bese bethanda izingane zabo.

Ngaphambi kokuthi uze ulibeke ngembaba ukuthi amadoda yizinja qala uzibheke indlela okhetha ngayo amadoda ngoba kungenzeka ukuthi uwena othanda lawa ayizinja.

Kungenzeka ukuthi inkinga ikuwena uqobo. Madoda masibathande abantu bethu bese nabo basithobele impilo iqhubeke.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.                                    


   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
65% - 408 votes
No! It's time to move on ...
35% - 220 votes
Vote
Rand - Dollar
19.04
+0.9%
Rand - Pound
23.78
+0.7%
Rand - Euro
20.41
+0.7%
Rand - Aus dollar
12.38
+0.8%
Rand - Yen
0.12
+1.0%
Platinum
920.00
+0.9%
Palladium
982.50
-2.2%
Gold
2,330.83
+0.7%
Silver
27.29
+0.5%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,437
-0.2%
All Share
74,329
-0.3%
Resource 10
62,119
+2.8%
Industrial 25
102,531
-1.4%
Financial 15
15,802
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE