Cape Town - Umfundi weZindaba News24, ubhale phansi amanye amaphutha enziwa abantu ngesikhathi samaholidi kaDisemba, waphonsa inselelo kubantu ukuthi nabo baqhubeke babhale abawaziyo!
1. Ukuvakasha ungashongo.
2. Ukudlala izingoma etekisini, igcine ilalelwe yiwo wonke umuntu.
3. Ukuqoma kwasani.
4. Ukufona ngo-60c, ugcine ungazwakalanga nokuthi bewuthini.
5. Ukukhalaza ngobubi bokudla ongakuphekanga nongakuthenganga.
6. Ukuphendula ifoni ushayela nengoma ikhalela phezulu emotweni yakho.
7. Ukucela abantu bafike bazodla uKhisimusi kini ube ungathenganga ngisho iKnorrox yodwa.
8. Ukungabi nokubhalaya ukwenezezela kula maphutha.
Amaphutha ahlanganiswe uMusa Msomi
- Bhala okwaziyo okwenziwa abantu ngalesi sikhathi, usithumelele ku-isizulu@news24.com
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.