Share

Asikhulume ngokuwashwa kwesidoda

Cape Town - Uma izibalo zithi kuyehla ukusetshenziswa kwamakhondomu, akumangazi-ke uma zithi siyakhula nesibalo sabantu abaphila negciwane lengculaza.

UMa wami usanda kungibuza ukuthi kudalwa yini abantu ababili bethi benegciwane lesandulela ngculaza kodwa bakwazi ukuzala ingane engenalo igciwane.

Kudingeke ngizame ukumchazela ukuthi igciwane liba segazini nakolunye uketshezi emzimbeni womuntu kodwa alubi khona eqandeni elakha ingane kanjalo nasesidodeni somuntu wesilisa.

UMa, ubuza nje sikhuluma ngezibalo zakwaHuman Sciences Research Council's (HSRC), ezithi bangu-6.4-million abantu bakuleli abaphila negciwane le ngculaza.

Kimi njengomuntu ongazazi kahle izibalo, lokhu kusho ukuthi abantu engihlangana nabo usuku nosuku bonke banalo leli gciwane.

Ngibe sengihlalwa kakhulu yindaba yobudlelwano babantu ababili omunye wabo enegciwane omunye engenalo.

Funda nalolu daba: Alikho icala ekuchitheni kuqala kunowesifazane

Umuntu omdala (uMa) ucishe wamelwa yinhliziyo sengimtshela ngohlelo lokuwashwa kwesidoda, uma izithandani zizama ukuthola abantwana, indoda inegciwane owesifazane engenalo.

Indlela angakholwanga ngayo, ngidlulele kontanga ngizama ukuthola ulwazi abanalo ngokuwashwa kwesidoda, nalapho ngithole ukuthi abantu abanalo ulwazi ngalobu buchwepheshe.

Zikhona nezinye izindlela zokuthi izithole umntwana ongenalo igciwane futhi zingatheleleni ngesifo.

Kulokhu ngihehwe kakhulu yindlela yokuwashwa kwesidoda (sperm wash).

Isidoda sifakwa emshinini sisefwe, sihlukaniswa noketshezi oluhambisana naso, okuyilo oluphatha igciwane.

Ngemuva kokuwashwa, siphinde sihlolisiswe kubhekwa igciwane, sibe sesishuthekwa esibelethweni sowesimame (In vitro fertilisation (IVF), kube ukukhulelwa kwakhe njalo lokho.

Asithandane, sakhe isizwe. Ozaziyo ukuthi unegciwane azinakekele avikele isithandwa sakhe siphinde sizale abantwana abayimiqemane.

Asixhumane ekhasini le Facebook Sis'Omdala noma ku-zanelewakwamtshali@gmail.com

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 491 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 697 votes
Vote
Rand - Dollar
18.92
+0.1%
Rand - Pound
23.88
+0.1%
Rand - Euro
20.38
+0.2%
Rand - Aus dollar
12.32
+0.2%
Rand - Yen
0.13
+0.1%
Platinum
908.05
0.0%
Palladium
1,014.94
0.0%
Gold
2,232.75
-0.0%
Silver
24.95
-0.1%
Brent Crude
87.00
+1.8%
Top 40
68,346
0.0%
All Share
74,536
0.0%
Resource 10
57,251
0.0%
Industrial 25
103,936
0.0%
Financial 15
16,502
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE