Cape Town - Awuke ucabange amaphutha owawenza empliweni yakho! Kwakuyoba njani uma uNkulunkulu engasigweba ngawo wonke lamaphutha?
Mhlampe ngabe asisaphili nokuphila, kodwa ngoba uNkulunkulu uyazi njalo ukuthi siyona njalo uma siza kuye sicela intethelelo uyasithethela futhi uthi ezwini lakhe uyasithethela bese ezikhohlwa izono zenu esazenzayo esesithethelele.
Abantu baye bebe nokucabanga ukuthi uma siza kuNkulunkulu kufanele siye kuye singabaqotho abangenaphutha.
Akunjalo, uNkulunkulu usifuna sinamaphutha sinjalo bese yena eyasilungisa. Omunye umbhali uthi indlu yeSonto akusona isihlalo sokwahlulela kodwa indawo lapho kulungiswa khona izimoto (panelbeaters) empeleni izimilo.
Yingakho nje amajele ebizwa ngokuthi indawo yokuhlumelelisa izimilo, ngoba kusuke kufanele uma umuntu esejele kube yindawo lapho ukumele khona umuntu ashintshe abuye esengumuntu omusha, emuva kokudonsa isikhathi eside ejele.
Akuyona into enhle ukwenza siphindele amaphutha nezinto ezimbi, kodwa akusho lokho ukuthi kufanele silahlwe. Impilo ifana nokuwa ungawa ube phansi namhlanje, kodwa akusho lokho ukuthi uyohlala uphansi njalo ngelinye ilanga noma ngesinye isikhathi uzovuka.
Njengasemdlaweni webhola uma elinye iqembu lihamba phambili, akusho ukuthi leli elingemuva selidliwe ngoba unompempe usuke engakawuqedi umdlalo. Uma umdlalo ungakapheli kusengenzeka noma yini ngoba umdlalo usaqhubeka.
Abantu abaphumelele empilweni akubona abantu abangawenzanga amaphutha kodwa abantu abathi sebewenzile amaphutha bavuka bazibutha bafunda ngamaphutha abo base belungisa izinto zabo. Noma empilweni ungawa kuze kube kayikhulu kodwa uma usukume kwaze kwaba ikhulu nanye lokho kusho ukuthi ekugcineni ugcine usukumile.
Omunye umshumayeli uke wakhuluma ngemali wathi noma imali ungayinyathela kanjani, ingcole ibe njeya kodwa lokho akuyenzi yehlelwe yinani noma amandla ayo. Kanjalo ke nami nawe akukhathaleki ukuthi senze izinto ezingakanani ezingalungile kodwa lokhu akusenzi silahlekelwe ubuthina.
UNkulunkulu wethu unguNkulunkulu onikezana ithuba lesibili, nelesithathu nelesine…. njalonjalo. Yingakho kungafanele ukuthi sizibheke ngamaphutha ethu esiwenzile kumele sizibheke ngamehlo umdali asibheke ngawo.
Namuhla ngithi kuwe noma ungaba namaphutha anjani, noma ungabe wone kanjani , noma uhlukumeze abantu kanjani, noma wephule izinhliziyo ezingakanani, ubusengaqala phansi ubuyele kuMdali wakho. Ucele intethelelo ngoba yena uma sicela intethelelo uyasixolela, bese ekhohlwa nezono zethu.
Umuntu omkhulu eBhayibhelini uDavide, wayengumbulali futhi engumdlwenguli kodwa uNkulunkulu wambiza ngendoda eseduze kwenhliziyo yakhe. UMose naye wayengumbulali kodwa uNkulunkulu wamsebenzisa. UPawulu wayengumbulali kodwa wagcina emkhulu kakhulu wabhala eziningi izincwadi eBhayibhelini.
Bonke laba bantu babenamaphutha benezono kodwa bavuka bazibutha nawe ke ungavuka uzibuthe uyeke ukuzibuka ngamaphutha akho.
*Lena yingxenye yesibili yodaba, funda eyokuqala lana, ungaxhumana nombhali ku-patrickzikalala@yahoo.com
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.