isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Ayafa yinduku amadoda - Umbono

2012-07-03 14:05
Cape Town -  Izinkumbi zamadoda zingene emgwaqeni waseHillbrow, eGoli zabhikisha zikhombisa ukulwisana nokuhlukunyezwa kwawo okwenziwa ngamakhosikazi.

Inhlangano iMoshate Men's Right Organisation ithi abantu besifazane sebedlange kakhulu ekushayeni nokuhlukumeza abesilisa abathandana nabo.

Abafundi bayaphawula ngalesi sihloko.

UWiseman Nxele uthe: Amaphoyisa kwesinye isikhathi awanandaba uma owesilisa ezovulela owesifazane icala, avele amhleke lo owesilisa.

USandile Buthelezi uthe: Ababoshwe nabesifazane abashaya amadoda.

U-Engel Majama uthe: Umuntu wesilisa ukuhlukumeza kangangoba uze uhluleke ukuzibamba uzibone sewuphindisa kungafanele, ngeke umuntu wesifazane akusukele akushaye kusuke kumuntu wesilisa omshayayayo bese eyaphindisa.

UKhehla Mkhize uthe: Ngeke ubathinte abesifazane ekuhlukumezeni ngokomoya.

ULindelani Mbambo uthe: Amadoda abhikishayo amele thina sonke, sibhekene nenkinga efanayo, siyafa ngaphakathi noma singabonakala sithule.

kumele abenzi bobubibaqonde ubuhlungu abasizwisa bona.

UMnisi Zane D KaMvelase uthe: Ngeke kubasize ukubhikisha ngoba vele umthetho weseka bona abesifazane.

USihle Ngcobo uthe: Kukaningi amadoda equlelwa ngamanzi abilile, amafutha, eshaywa nokunye okuningi.

USandile Shangase uthe: Safa induku abesifazane becasha ngomthetho.

USiphiwe Masuku uthe:
Umhlaba unjena nje kungenxa yamadoda, kwakunini amadoda aqala ukushaya abantu besimame, manje uma sebephindisela sekubuhlungu, kahleni ukudlalaa ngathi bo!

Kunabantu besifazane namuhla abangaboni ngenxa yamadoda, abangenazandla ngenxa yamadoda, abangenanzalo ngenxa yamadoda, abanengculazi ngenxa yamadoda.

USihle Mbhele uthe: Mina ukhona umngani wami oshawa unina wengane yakhe, yena hhayi uyasithela isibhaxu.

UVelisa Shaqala uthe: Bakhona abasihlukumeza buthule.

UMzongafi Sokhela uthe: Noma kungakangenzi kodwa ngiyakwazi okuseceleni kwami, ikakhulukazi kwenziwa amavila amantombazane.

Ucele intombi yakho ukuthi ikwenzele okuthize bese inqaba, kuthi uma isicela yona wena unqaba bese kuqala impi.

Kukhona engiyaziyo ithi uma ixabene nendoda iyithuke ngazo zonke izinhlamba ifuna imshaye bese eyibophisa.

Indoda ibekezele, amadoda uma eyobika enkantolo kuthiwa awabuyele emuva eyoxoxisana nomathandana bawo kodwa indoda akuxoxwa lutho ivele iboshwe uma iboshiswa umfazi.

Asiphathekile kahle singamadoda.

UWiseman Manana
uthe: Ngivumelana kakhulu nenhlangano, ngempela bayakwazi ukuhlukumeza laba bantu.

Nami sengike ngabhekana nakho ukuhlukunyezwa, ungagcina umuntu usumvuse phansi ngesikhulu isibhakela lesi, ngaze ngamlahla ngoba ngase sengilibona ijele lingizungeza.

Basihlukumeza
ngezindlela ezehlukene, bengifisa ukujoyina le mashi pho-ke bengingazi ngayo, namanje ngisasho ayikho indoda engavele isukeleke ishaye umfazi engenzanga lutho.

Bayasihlukumeza abantu besifazane.


USiboniso Manana uthe: Baningi abantu abaohelayo induku kodwa ngeke basho, ubona umuntu esekhala esedakiwe ngoba edliwa wusizi.

UMzi Mompahla uthe: Umakhelwane wami ubeshaywa aze abaleke.

UThami Nxumalo uthe: Kunzima impela, amadoda athwele kanzima, akubi lula ngisho nokugoduka ngoba umuntu uyazi ukuthi usayosutha induku.

UMbekezeli Buthelezi uthe: Amadoda ayahlukunyezwa kodwa ayesaba ukuphumela obala.

UZamaGeba Zulu
uthe: Kuyiqiniso elimsulwa ukuthi amadoda ayashaywa, ziyaphela izingane zabantu.

UMbongeni Thusi uthe: Omunye babemshaya, bamkolibhise phansi awashe nezingubo zowesifazane zangaphansi.

UNtokozo Malunga uthe: Maningi amadoda ahlukunyezwayo kodwa manje ayesaba ukuphumela obala futhi ziningi izindlela abahlukunyezwa ngazo bengagcini ngokushaywa kuphela.

Umthetho ubheke kakhulu kithina uma nje owesifazane eke wazama ukuvula icala, indoda iyaboshwa.

Kuyinto enhle kakhulu abayenzayo yokuzilwela bangabi namahloni akusilona ihlazo.

 

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

 





News24
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)