Share

'Ayibhekisiswe eyabadwebi'

Dear Mhleli,

Mhleli kwelakho elingungqa phambili ngithi ake ngithathe usiba qede ngigiye ngiqephuze kokushaqisayo okwenzeka kuleli elimagade ahlabayo.

Ngifuna ukuhlaba ngihlikize isenzo somdwebi u-Anton Kannemeyer ngokudicilela phansi isithunzi sikaMengameli uMnuz. J.G Zuma ngokudweba ubuntu abubize ngobaMengameli, asingashayelwa ihlombe lesi senzo esiyichilo ezweni kanye nakumanye amazwe.

Uma kusasiyilengelo lokuveza umbono likugunyaza kanjani ukwehliswa komuntu isithunzi,singasabheki ke nje ukuthi uMongameli lo odicilelwa phansi?

Le ndaba yalabadwebi ifuna ukufakelwa izibuko kwazise imidwebo yabo idicilela phansi isithunzi sikaMongameli wezwe.

Lo mbhemu osanda kudweba uMsholozi uthi ubekhala ngendlela umdwebo kaBrett Murray owaphathwa ngayo.

Ndlelani yokuveza ukunganeliseki ngokudweba ubuntu bukaMengameli?

Kuzokhumbuleka ukuthi no-Ayanda Mabulu wenza okufanayo eminyakeni edlule. Impela lamalungelo aqeda isimilo ebantwini.

Ake ucutshungulwe lo mthetho sivivinyo ogunyaza umuntu ukuba aveze uvolwakhe (freedom oexpression) ukuze kuzogwemeka onontandakubukwa abanjengoMabulu.

Ayiphinde ifakelwe izibuko imithetho elawula amaciko kuleli ikakhulukazi abadwebi ngoba kubukeka beyixhaphaza inkululeko yabo.

Ngokwase-Afrika ukudweba umuntu omdala eveze isitho sangasese kumbe ukuveza isithombe ehamba ngesudi yesele kuwukumhlambalaza futhi kukhombisa isimilo esixegayo.

Kuyangimangalisa uma nabadwebi abansundu sebenzisa okwabamhlophe.

Ukuba ntekenteke komthetho wezwe yikho okwenze ukuthi angafundi isifundo uBrett Murray owaqala wadweba uMsholozi eveze isitho sangasese, lokhu kuholele ekutheni osomathuba babadwebi abanjengoMabulu bakhwele bazehlele kuNxamalala.

Akuvinjwe ukwethulwa esidlangalaleni kwalo mdwebo.

Kazi kwakhala nyonini kuleli elikaMthaniya kwazise emazweni ase-Afrika oMongameli bahlonishwa impela kodwa kuleli akahlonishwa, ofuna ukukhwela adilike kuMengameli uyakwenza lokho ngaphandle kwenkinga.

Amaciko bese kuba sengathi avalwa umlomo kumbe avalelwa amathuba kanti kungenxa yokungakwazi ukusebenzisa kahle inkululeko abayinikeziwe.

Ngiphakamisa ukuthi asingasongi izandla lifa elikahunga noMageba, asikhuzeni lo mhlola osuqala ukuba yinsakavukela umchilo wesidwaba kungenjalo izwelethu lizolahlekelwa yisithunzi salo.

Awubhekisiswe lomthetho weFreedom of Expression ukuze kuzoncipha osomathuba abafuna ukuzakhela igama ngokudicilela phansi uMongameli wezwe.

Uma amalungu esishayamthetho ezoqhubeka nokuwuhlaba inhlali, impela kungekudala sizobona omunye omdwebi edweba uMengameli ehamba ngesudi yesele.

Obhalile,

S'bonelo K-Master Khumalo eNtuthuko oPongolo 


Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 
































We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 419 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 882 votes
Vote
Rand - Dollar
19.07
+0.5%
Rand - Pound
23.60
+1.0%
Rand - Euro
20.32
+0.3%
Rand - Aus dollar
12.24
+0.5%
Rand - Yen
0.12
+0.4%
Platinum
943.20
-0.8%
Palladium
1,035.50
+0.6%
Gold
2,388.72
+0.4%
Silver
28.63
+1.4%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE