Vele kade yaphuma emgqeni indlela yokugana nokuganwa sekuhlungwa ngendlela uma kuthuke kwaqondana abantu begcina bewakhile umuzi.
Kodwa yize le ndlela yokuqoma iningi labantu selizenzela umathanda le yomkipito isathathwa njengechilo elidlula wonke.
Into engizibuza yona ukuthi uma intombi iqomile, ikwazi ukuvakashela isoka, ilale nalo…yini pho ingahlali nalo?
Ngibuza lokhu nje ngoba amadoda agcina eseyipheka ngomhluzi wenye.
Kuvakashe lo aphume ahambe, kuphinde kufike lo naye alale ahambe. Kuyaba ngelinye ilanga izinduku ziyamdida umviki liphume iqhina embizeni ukuthi iphekwa ngomhluzi wenye, buchitheke bugayiwe.
Uma ngibheka ichilo lomkipito lisuka ekutheni intombi izinikele ukuyohlala nesoka ibe ingakhokhelwe kumbe ingalotsholiwe.
Loko kuyihlazo elifana nse nokuvakasha esokeni nifike nenze izinto maqede usule umlomo ugoduke ufike ekhaya bengaboni ukuthi uphumaphi.
Uma uqonyiwe njengomfana kumele wazi ukuthi akubi yichilo lakubo kwentombi kuphela ukuthi wena uyithathe ungayikhokhelanga kodwa kuyichilo nakini mfana ukungena ngesibhobo kubo kwentombi.
Manje yini pho amabandla nabazali bababaze eyokukipita kuphela eyokuqoma nokuvakashela isoka yona ibekwe njengengcono.
Uma vele seniqomene naqala nafohla isibaya somnumzane kungcono hlalani ndawonye, lokho kugwema ukulingwa koyedwa wenu uma engekho omunye.
Lokhu kulingwa kuvama ukwehlela iningi labafana abagcina beyipheka ngomhluzi wenye uma sebenelawu kumbe behlala ngabodwana emiqashweni.
Umkipito mubi futhi kufanele engabe uyaqedwa nya, kodwa ngoba vele abantu abaningi bathi bengakipitile kodwa bavakashelane yini pho bangahlaliswa ndawonye?
Imizi eminingi iyawazi amasoka ezintombi zakhona, isoka lifika lime ngenzansi komuzi athi unina wentombi “phuma weZama nangu uSipho esangweni”…kodwa yena lo mama ovula isango ukuthi indodakazi yakhe iphume uye kanye ovuka indlobane uma sekuthiwa leli soka layo selikipite nayo.
Ngezwa kuthiwa kudala kwakuthi uma intombi imithile ingalotsholiwe kusuke uyise wayo “ayoyimela”…ukumela loku kwakungunikezela ngendodakazi mahhala ukuthi ayingaze izalele ekhaya ngoba loko kuyihlazo, ngoba nakhu isize yamitha ayihambe iyozalela emzini.
Udaba lwamalobolo lwalukhulunywa kamuva intombi isingale lapho imithele khona.
Namhlanje iqhutshelwa ukuyobika isisu, ibuye naso, ize ibelethele kubo kwayo, ikhulise ingane noninalume, ize iphinde iqome isoka elisha ihleli ekhaya…ayimithi inani okwesibili?
Uma njengesizwe esinsundu singavuselela usiko lokugana nokuganwa mhlampe sisanganqandeka lesi sihlava semikipito nokuphulana izinhliziyo kokuqoma uqathaze namabhungu ayipheka ngomhluzi wenye.
Umkipito mubi kodwa ungcono kunokudla usule umlomo sengathi awukaze wenze lutho.
Xhumana noSbongiseni ku-sbmvula@gmail.com
Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.