isiZulu

Bafunde lukhulu ngomdwebo - Umbono

2012-05-30 14:05
Cape Town -  Iqembu i-ANC lizohoxisa icala lokudwetshwa kukaMengameli uJacob Zuma avezwe ubulili ngaphandle.

Umqondisi weGoodman Gallery uLiza Essers, uthi bafinyelele esivumelwaneni neqembu.

Abafundi basho abakufundile ngalomdwebo odonse amehlo omhlaba kwasuka ukukhuluma.

UThembinkosi Mtshali uthe: Ngifunde ukuthi ubandlululo alukapheli futhi kusakude phambili.

UMnisi KaMvelase
uthe: Kusabusa abelungu kuleli laseNingizimu Afrika, icala lihoxiswa ngoba lenziwe ngumlungu.

UNtlaka Ngwane uthe: Abantu bakhombise ukuthi bazibheka kanjani ezinye izinhlanga.

Ukukhuluma ngokuthisizondana kanjani yisona siqalao sokuthi singcine sikhulume ngezinye izinto sakhe iNingizmu Afrika ekhululekile.

USimphiwe Ntombela uthe: Abaholi ngoba bephuzulu sebezibona bemhlophe, ubandlululo aluphelile.

Luphele kubantu abamnyama kuphela amabhunu namanje ayasizonda, emazingerni aphansi sihlangabezana nezinkinga eziphinde zidalwe yiqembu elibusayo.

Baqale basishayela umthetho bethi singalithengi iphepha babuye bashintsha, ngiyacabanga uZuma unxeshezelwe ngemali.


UBuhle Mxinwa
uthe: Mina ngifunde ukuthi siphila ezweni lentando yeningi, wonke umntu unelungelo lokwenza nanoma yini ayithandayo.

Uma kwenzeke iphutha kuyaxoxwa idlule, akekho umuntu ongenawo amaphutha.

Sonke kumele sifunde emaphutheni enzekayo
.

UFortune Zuke uthe: Ngifunde ukuthi nami ngingakwazi ukungahloniphi abantu abadala nabancane kungabi ndaba zalutho.

Umuntu ngingamehlisa isithunzi ngijike ngithi yillungelo lami lokuveza indlela engizizwa ngayo-freedom of expession.


UThulas Masimul uthe: Ngifundile ukuthi ngize ngingalokothi ngivotele iqembu labamhlophe ngiphinde ngikulwelwe ukuthi ngingumAfrika ngingadayisi ngabo ngoba ngikwazi ukukhuluma ulimi lwabo ngazi angiyona inxenye yabo.

UNash Mtetwa uthe: Alikho iqiniso emhlabeni.

UCollin Sandile Khathi
uthe: Ngifunde ukuthi abanye abelungu basambukela phansi kangakanani umuntu onsundu noma ngabe ukusiphi isikhundla futhi abazigqaji kangakanani ngokuba ngabahlali baseNingizimu Afrika (Brett Murray, Liza Essers, Hafejee nabanye).

Ngiphende ngafunda ukuthi abantu abampisholo bahlangene kangakanani futhi bayazisa kanjani into ethunaza isithunzi sabo njengama Afrika.

Inhlangano i-ANC yiyo esaqhubeka nokulwela ubunye nokuhlonipheka komuntu omnyama kuleli lizwe futhi yiyo ephethe.

UNtobeko Ngcobo uthe: Kwesinye isikhathi izinto esizenzayo njengabadwebi zisijabulisa singabe sisanaka noma sesithunaza izithunzi zabanye.

Lokhu kudalwa ubudedengu bokungahluzeki komqondo.

USelby Mthembu uthe: Namanje ngisathukuthele ngalolu daba, lokhu kukhombisa ukuthi lusalude ukhalo kithi njengeNingizimu Afrika.

Ngibona ukuthi inhlangano i-TRC ayenzanga umsebenzi ophelele, sisanabantu abamhlophe abakholwa wukuthi bangenza nanoma yini egameni lamalungelo.


ULethukuthula Dumakude uthe: Ngifunde ukuthi kusekhona abangafuni ukuhlonipha abantu abamnyama abasezikhundleni eziphezulu, nokuthi nobandlululo ngeke luphele lapha eNingizmu Afrika.

Kungani engaqalanga ngomhlophe ukumveza ubuntu bakhe , kuyacaca nje ukuthi bayazenzisa abahlophe ukuthi sekwaxolelwana, ihlekisana ihlomile.


 Thumela umbono wakho ku-isizulu@news24.com

Disclaimer: INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

  – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

News24
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)