Share

Bagcwele ukupensa abeGenerations - Umbono

Cape Town - Izibalo zithi bangaba ngu-5.2 million abantu abangasebenzi kuleli laseNingizimu Afrika, imibiko ithi umlingisi ohola kancane kwiGenerations, ohola u-R40 000 ngenyanga kuthi ohola kakhulu ahole u-R80 000 ngenyanga.

Ukuteleka kwabeGenerations kuholele ekutheni bagcine bexoshwa.

Bheka iholo labo, uqhathanise isimo sezwe bese uphawula ngabantu jikelele abancamela ukuxoshwa emsebenzini ngoba belwela amaholo angcono.

Bayaphendula:

UKokosi Houston Mgwaba uthe: Abalingisi baphumile esandleni, akusikho eHollywood lana......

UNonkululeko Mfeka uthe: Kakade iGeneration ebibaluleke ngani? Kukhona abantu abayifunayo imisebenzi abantu abangafuni kwamali etheni, bafuna ukukwazi ukuxosha ikati eziko.

Kuyaxaka ukuthi kube nabantu abahola o-R40 000 kodwa bapense.

UNomvula Vuvu Hamnca uthe: Bayahola laba bebe bengasebenzi nakanzima, balingisa into ebhalwe omunye umuntu.

Ukube bekuya ngokwami ngabe iyaphungulwa imali abayitholayo, ifakwe kwezinye izimboni.

UNhlaka Ncanaza Mdlolo uthe: Akabaxoshe engempela uMfundi Vundla, abazazi bafunani, bayapensa.

UPhumlani Harris uthe: Kodwa nkosi yami, imali engaka!! U-R40 000 nje uwodwa mkhulu kabi! Inkinga yabalingisi umhobholo, uma bengafuni ukusebenza abayeke sikhona thina, mina noma nginganikwa u-R10 000.

USifiso Maqhawe Vumisa uthe: Mina ngingathatha noma ngabe u-R4000.

USolomon Mabuti uthe: U-40 000 kuya ku-R80 000 mkhulu kakhulu, ngisho abamba igolide abayitholi leyo mali.

Umbuso uyadakana, abayeke uma bengasathandi.






Bheka ikhasi lethu leFacebook, Izindaba News24, ubone abanye batheni.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 438 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 931 votes
Vote
Rand - Dollar
19.29
-0.7%
Rand - Pound
23.87
-1.1%
Rand - Euro
20.58
-1.2%
Rand - Aus dollar
12.38
-1.1%
Rand - Yen
0.12
-1.2%
Platinum
943.50
+0.0%
Palladium
1,034.50
-0.1%
Gold
2,391.84
+0.0%
Silver
28.68
+0.0%
Brent Crude
87.29
+0.2%
Top 40
67,314
+0.2%
All Share
73,364
+0.1%
Resource 10
63,285
-0.0%
Industrial 25
98,701
+0.3%
Financial 15
15,499
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE