isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Bagxeka i-video ngoJesu - Umbono

2012-06-08 15:37
Cape Town - IKhomishana yamaLungelo abantu kanjalo noReverend Kenneth Meshoe, ongumholi we-African Christian Democratic Party sebeyigxekile i-video yopopayi eveza uJesu ezibulala ngemuva kokutshelwa ngudokotela ukuthi uyiShangane.

Le-video kuthiwa ingukwedelela abantu abangamaShangane kanjalo nabangabazalwane.

UThulas Masimul uthe: Mina bengikayiboni le-video kodwa ewu saze safa amaciko ecikoza ngokwedelela besebenzisa amalungelo abo bebukela abanye abanye abantu phansi.

Sodwa siyalingana phambi koMdali.


UMandla Mnthungwa uthe: Ngiyibonile mina futhi angiyithandanga neze.

UKwanele Mbatha
uthe: Cha bayaphaphalaza ke uma sebenza ukucwasa ngobuhlanga mina bengingakayiboni kodwa ngendlela engizwa ngayo icacile nje ukuthi inokwehlisa isithunzi kolunye uhlanga.

UTwoboyz Mthomeni uthe: Uma le-video yenza lokho, impela iyacwasa kunjalo ayilungile.

UKhanyisani Dube uthe: Iyacwasa, kazi abantu sebengenwe yini?

Kuphela lokhu, kuvuke okunye, sikhathele ngamaciko abhedayo.

UBuhle Mxinwa
uthe: Thina bantu abamnyama siyathanda ukucwasa ngokobuhlanga, kumele umuntu akuthokozele lokhu ayikho.

UBheki Ntuli
uthe: Thina bantu sijaha ekucwasweni engabe silinda umbhali asinike injula yakhe ukuthi ubebhala inhloso yakhe ibikuphi siqale laphoke silandele khona uma kunokucwaswa.

USandile Thabethe uthe: Lokhu kuyisibikezelo sokuphela komhlaba, usathane usephelelwe isikhathi manje usesebenzisa noma ngabe yini ayitholayo ukuze alethe ukungaboni ngasolinye kithina bantu.

Kubiza ukuthi umuntu ahlale emkhulekweni njalo nje.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).




News24
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)