Share

Bamba indoda ingadluli nebhizi kaDisemba!

Cape Town - Amagoduka aseqalile ayanyakaza kubuyelwa emakhaya abanye bavakashela amasoka nezintombi.

Abaningi baba nezitayelana ngalesi sikhathi sonyaka, kunalabo abaphithana amakhanda besanganiswa izingane ezincane ezibuya ema-boarding school, kube khona abasanganiswa osisi abahamba ngezimoto abashimile abasebenzayo abasuka koGoli nakoKapa.

Umbuzo-ke ukuthi wenza njani wena ntombi yasesigodini eyaziwayo ukuthi ithandana nosbanibani osephithene ikhanda esanganiswa ibhizi kaDisemba:

Kubalulekile ukuthi ngalesi sikhathi indoda uyigilagile ngezinhlobonhlobo zocansi oluzoyenza ithi noma ibisizitshela ukuthi iyakwazi, iqale phansi izame ukukufunda kabusha.

Ngiyazi akulula ukuba indoda kodwa singazenza izaba, sihluleke sizamile kuthi noma ihamba amaphutha angabi ngakithi - ake dade sizame lezi zindlela okwezinsukwana nje kuvalwe emisebenzini.

Mnike sengathi uhole khona namhlanje - Akathi efika endlini ube umkhombisa ukuthi akazile ukuzodlala kuzosetshenzwa. Mvulele amasango ahambe nanoma yingamuphi umgudu afuna ukuhamba ngawo. Menze azizwe engumnumzane azi ngokuphelele ukuthi imfuyo yonke eyakhe. 

Mnyeyezele izinto ezindlebeni - Akathi elele umdlalise izindlebe umkhothe, uzimunce uphinde uzilumalume...yithi usamenza konke lokhu ube umnyenyezela izinto ezimnandi njengoba esazophuma ahambe nabangani. Kukhlu ukuhlohlana abazobe bekwenza, akathi-ke edidiseka ehala endleleni, angakhohlwa amagama omhlebela wona.

Mfake Amazipho - Ngesikhathi imizimba yenu imanzi ninamathelene nithandana, mfake amazipho awezwe engena kuye....imnanid i-romance ehamba nobuhlungwana, angeke akhalaze. Ngamabomu hluka entombini entsha yesikhashana azobe izama ukuzenza ileti ngoba ifuna ukubukwa.

Istikiswidi - NgesiNgisi bathi a blow job is better than no job. Ayikho indoda engiyaziyo eyake yanqaba kuguqwe phambi komnumzane abingelelwe, aqatshuzwe aphinde abhonwe. Noma ngabe nijwayelene kangakanani, ungamvumeli aphume ungambingelelanga umnumzane. Lo msebenzi udinga ubuciko nobuchule - uma ungazi ubuze nakwabanye.

Khanga - Bodadewethu, yebo amasoka siwajwayele sihlala nawo nemikhuba yethu eminingi aseyayazi kodwa okwesikhashana nje awufihle la maphethi akho ewajwayele amanye asathamba ne lastikhi, amanye ashaya ngezimbobo. Mgqokele ngendlela ekhangayo ungamenzi ahalele sonke isiketi ahlangana naso. Akuthi noma ebona owesifazane, athi kodwa owami wenza okungcono kunalokhu!

Mfundise ukudlala - Kunesizathu esenza amadoda abuke izithombe zocansi, funda ukudlala naye, umtshele akutshele izinto ake afise ukuzenza uma esocansini. Phenduka enye yamantombazane awagcina kwi-TV, mhlalise phansi ugqoke kancane, umdansele umkhuhla ube uzikhumula ugcine usushaya ngesudi owazalwa uyigqokile....okunye kuyobe sekuzenzakalela.

Sizoqhubeka ngamathiphu ngesonto elizayo, ungafunda nalolu daba: Ungazibhori uma usocansini



Asixhumane ekhasini le Facebook Sis'Omdala noma ku-zanelewakwamtshali@gmail.com 

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.


 – 
"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
How often do you go to the cinema to watch new movies?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Often - nothing beats the big screen
2% - 26 votes
Hardly - I prefer streaming online
66% - 723 votes
Sometimes - it depends on the film release
31% - 342 votes
Vote
Rand - Dollar
19.15
-0.7%
Rand - Pound
23.82
-0.6%
Rand - Euro
20.39
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.30
-0.5%
Rand - Yen
0.12
-0.6%
Platinum
950.40
-0.3%
Palladium
1,028.50
-0.6%
Gold
2,378.37
+0.7%
Silver
28.25
+0.1%
Brent Crude
87.29
-3.1%
Top 40
67,190
+0.4%
All Share
73,271
+0.4%
Resource 10
63,297
-0.1%
Industrial 25
98,419
+0.6%
Financial 15
15,480
+0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE