Cape Town - Mihla namalanga sifunda imibiko yenhlolovo eyenziwe ndawana thize yenziwa yizinkampani ezithize, Bayidlanzana abafundi abathi sebake baba yingxenye yocwaningo, abaningi bathi abayizwa kahle le ndaba yocwaningo.
UThenjiwe Xulu uthe:
Angikaze ngibuzwe ngalutho ngihlezi ngifunda emaphephandabeni ngocwaningo ngizibuze ukuthi kazi mina ngobuzwa nini.UNokubonga Khanyile uthe:
Emuva kocwaningo oluthi intsha ayimfuni uZuma noSexwale angisathembi lutho.
Mina angikaze ngibandakanywe ocwaningweni.
UJonathan Zuma uthe:
Kwakhiwa
idamu eMooiriver kodwa angikaze ngibone kuthiwa
kwenziwa ucwaningo ngendawo, savele sabona sekudatshulwa
sekuthiwa amathuna azombiwa sadumala.
USkhona Mathenjwa uthe:
Angiyikholwa lento yocwaningo.UNathi S'bu uthe:
Angikaze ngibe yinxenye yocwaningo futhi angiboni ukuthi into ekhona.
UPhilani Maphumulo uthe:
Ucwaningo lwenziwa ngomqondo nangendlela okubukwa ngayo izinto, basuke benamanga mabethi balwenzile.
USthandiwe Mthethwa uthe:
Ngake
ngasebenza nenkampani eyenza ucwaningo, Bakhona abantu abalibamba iqhaza labo ababethanda futhi imiphumela yabuya, babizwa
bazokwaziswa ukuthi ekubambeni kwabo iqhaza imphumela ihambe kanjani.
USifiso Mtshali uthe:
Angikaze ngibe yingxenmye yocwaningo, angikholwa ukuthi luyenziwa kuhlalwe kukhulunywa ngezilinganiso ezisuselwa ekhanda.UKhayelihle Khoza uthe:
Cha angikaze ngibuzwe noma-ke ngibone kubuzwa abanye, ucwaningo lungamanga.UMdumiseni Xulu uthe:
Angikaze ngibe yinxenye yocwaningo kodwa izinto abasuke benza ucwaningo lwazo kimina azikholakali.UMzi Nophahla uthe:
Angikaze ngibabone abantu abenza ucwaningo.UKuhlekwanele Mthethwa uthe:
Angikholelwa ocwaningweni, ngake ngabuza omunye usopoliki wathi kukhethwa abambalwa.
UGugu Masuku uthe:
Mina angikaze ngibuzwe lutho, ngikholwa wukuthi ucwaningo lungamanga.
UCelumusa Xaba uthe:
Ngike
ngalwenza ucwaningo, ngiyalwethemba futhi kodwa imigomo nemphumela
yocwaningo oluthinta umphakathi kumele ibekwe obala ukuze lubonakale ukuthi
lwenziwe ngokuyikho na.
USibusiso Magolwane uthe:
Cha
angikazengibone kwenziwa ucwaningo.
Engikuqaphelayo ngabacwaningi ukuthi bavele baye kwidlanzana
vele elizoveza imiphumela engemihle uma befisa kanjalo, noma baye
kwabazoveza imiphumela emihle uma befisa ibe mihle.
UMhleli Sithole uthe:
Lolu cwaningo
olwenziwa kosopolitiki luya ngokuthi umsunguli walo ungakuliphi
uhlangothi.
Ngamanye amagama yena ngabe uyamthanda lowo sopolitiki noma
cha, mina angikaze ngibe yingxenye yalo.
UPhumlani Sibisi uthe:
Kusuke kudlalwa ngathi, akekho nanoyedwa umuntu esengike ngamuzwa ethi ubeyinqxenye yocwaningo.
Thumela umbono wakho ku-isizulu@news24.com
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
News24