Share

Banezinhliziyo ezimbi abalandeli nabalaleli

Durban - Banezinhliziyo ezimbi abalandeli futhi bahlale becuphe uchuku.

Namhlanje ngivuke ngafunda udaba oluthi umsakazo iMetro FM umkhiphile emoyeni umsakazi wayo u-Unathi Msengana, kulandela ukwethuka kwakhe umuntu othize enkundleni yezokuxhumana iTwitter.

Akusikho okokuqala sibona usaziwayo emiswa emsebenzini okanye exoshwa ngenxa yokuphendula kabi umuntu othile noma umlandeli.

Ngake ngezwa ngandlebenye kuthiwa uJacinta Ngobese waxoshwa ngemuva kokubhala kwakhe kaningi ningi egxeka uKell Khumalo ngesikhathi eshonelewe yisoka lakhe uSenzo Meyiwa.

Angazi kuyiqiniso kangakanani lokho…

Funda nalolu daba: Inhlonipho ayikho ezikoleni

Kukaningi ngifunda ngokuba nyamanambana kukaZama Ngcobo woKhozi FM, naye egxekwa abalaleli bomsakazo.

Umbuzo-ke usekutheni kungani abaphathi babheke kuphela isisebenzi ukuthi siphendula kanjani, ingakhulunywa eyomlandeli lo ohlokoloze usaziwayo wamfaka umunwe esweni.

Abalandeli nabalaleli bakhohlakele, banezinhliziyo ezimbi benjalo bahlale becuphe uchuku. Bathi bekutshela ukuthi bayakuthanda bebe bekubophela amanqina enyathi.

Ezinkundleni zokuxhumana bazenza bahle bazishaye sabantu abakubuyisa endleleni bebe beqale ngokudelela.

Uthi uma kuqonga intukuthelo utshela umuntu izindaba zakhe, abaqashi bangabe besabheka ukuthi indaba iqalephi, usaziwayo agcine elahlekelwa umsebenzi.

Abalandeli abayeke ukujwayela kabi osaziwayo ngoba begabe ngokuthi uma bebaphendula bazoxoshwa.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
64% - 300 votes
No! It's time to move on ...
36% - 169 votes
Vote
Rand - Dollar
19.05
+0.9%
Rand - Pound
23.77
+0.8%
Rand - Euro
20.37
+0.9%
Rand - Aus dollar
12.38
+0.8%
Rand - Yen
0.12
+1.1%
Platinum
913.10
+0.1%
Palladium
999.50
-0.6%
Gold
2,329.29
+0.6%
Silver
27.43
+1.0%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,257
-0.5%
All Share
74,196
-0.4%
Resource 10
61,519
+1.8%
Industrial 25
102,450
-1.5%
Financial 15
15,823
-0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE