Cape Town - Isihluleke yancama indoda yaseBoksburg ukuthola isiqinisekiso sivela
eMnyangweni wezaseKhaya sokuthi yehlukanisa nonkosikazi wayo ngo-2008.
Namanje imininingwane ngoCharl Lensley, isathi ushadile nonkosikazi
wokuqala, lokhu kwenza angakwazi ukubhalisa unkosikazi wakhe wesibili
njengonkosikazi osemthethweni.
Ziningi izinkonondo ezibikwayo ngokusebenza koMnyango wezaseKhaya.
Abafundi beZindaba News24 bayabeka ngokusebenza komnyango:
UCboh Mkhany uthe:
UMnyango wezaseKhaya unobuededengu obukhulu, awuzinaki izinto zabantu.
Mina igama lami balibhala balibheda.
UBuyisile Zimu uthe:
Ayenzeka amaphutha, kakhulu, ingane kadadewethu izalwa ngoJulayi 2, bona babhala ukuthi izalwa ngoFebhuwari.
UHlengiwe Cibane uthe:
Kuyimanje umfowethu babhala ukuthi uzalwa ngenyanga engeyiyo.
UGugu Masuku uthe:
Inkinga yabo wukuthi abanaki, mina ngazalwa ngo-1985 kodwa bona bathi ngizalwa ngo-1995, lokhu sekwenze ukuthi impilo yami ime.
ULindelwa Kekana Mashoba uthe:
Abanaki neze abasebenzi, benza ngendlela egculisa bona bodwa.
Igama lami balibhala into ethandwa yibo.UMduduzi Dubazana uthe:
Mina sengizame ngehluleka, ingane yami yomfana kuvela ukuthi iyintombazane.U-Ayanda Dlamini uthe:
Mina ngazalwa ngo-1982 kodwa kuvela ukuthi ngizalwa ngo-1988.
USombu Ngwenya uthe:
Mina ngingowakwaNgwenya bona bathi Mwenya, nokho ngakwazi ukukulungisa lokho.
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
News24