Share

Baphawula ngembizo ebibizwe yiSilo samaBandla

Cape Town - Abanye babahlaziyi bathi iSilo asibekanga amazwi aqinile mayelana nokuthi kuphele ukuhlaselwa kwabokufika, kunalokho sigxeke kakhulu abezindaba ngokusabalalisa okuthandwa yibona ngalolu daba.

Ngokwakho ukubona, ngabe iSilo samaBandla siwubhulile yini umlilo, ngeke kusabonakala ukuhlaselwa kwabokufika kusukela manje?

Baphawule kanje abafundi: 

UNonjabulo Ladyfair uthe: Yebo siwubhulile. Abezindaba baphethwe ukuthi bangoqhathizwe. Abahambe bayofuna ezinye izindaba manje. Sesikhathele yibo belokhu bezama ukudala udweshu!!!

UPhakamani Gift Mngomezulu uthe: ISilo besingayile ukuyobhula umlilo ngoba asikaze siwushise vele. Isilo besiyocacisa ukuthi asikaze sithi akuhlaselwe abokufika. Abokufika into ezobasiza ukugoduka.

UNomuhle C Ncikazi uthe: Sikhulume kahle iSilo kodwa ngeke bezwe abanenzondo.

USiphephile Purity uthe: Siwubhulile ngoba phela kahle, kahle asikaze sithume muntu ukuthi akashaye abokufika noma singakhuluma size sikhihle amagwebu kuyafana. Uma bezoqhubeka nokuhlasela bazokwenza njalo, vele wenze kahle agxile kwabezindaba ngoba bayazihlanekezela, bejahe ibhizinisi ababoni noma sebexova izwe.  

UJoseph Msomi uthe: ISilo sikhombisile ubuhlakani baso kanye neNkosi yakwaPhindangene Dr MG buthelezi ngokomthetho alusekho udlame kodwa uhulumeni wethu kumele azinuke amakhwapha ngabokufika ngokuba vumela ukuthi bangene kuleli benganazo izimvume befumbathisa amaphoyisa ukuze bekwazi ukungena kulelizwe kanti futhi noMnyango wezaseKhaya osemngceleni unomthelela kulento.

U-Andile  Dlamini uthe: Yebo ngokwami sikhuzile iSilo, phela abantu abayi nganxenye bengemanzi bona labo bahlaziyi bebefuna sithini ngoba akukho okudlula lokhu kukhuza akwenzile. Okunye ngeke phela sibe naso isiqiniseko sokuthi ngeke besahlaselwa abantu ngoba kukhona abantu abawokhanda limtshela okwabo.

UZamanyambose Mthethwa uthe: Phela iSilo asikho ezinhliziweni nasezingqondweni zezigebengu kodwa sona siyibekile inkulumo yaso futhi angazi bekufanele sithini vele ngoba asizange nasekuqaleni sithi akushawe abantu.

Bheka ku-Facebook-Izindaba News24, ubone abanye batheni.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
64% - 379 votes
No! It's time to move on ...
36% - 209 votes
Vote
Rand - Dollar
19.04
+0.9%
Rand - Pound
23.80
+0.6%
Rand - Euro
20.41
+0.7%
Rand - Aus dollar
12.38
+0.8%
Rand - Yen
0.12
+1.1%
Platinum
919.20
+0.8%
Palladium
993.00
-1.2%
Gold
2,323.46
+0.3%
Silver
27.27
+0.4%
Brent-ruolie
88.02
-0.5%
Top 40
68,264
-0.5%
All Share
74,192
-0.4%
Resource 10
61,338
+1.5%
Industrial 25
102,551
-1.4%
Financial 15
15,839
+0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE