Abanye babantu basola inkulumo yeSilo SamaBandla okuthiwa sayenza emcimbini owabe usoPhongolo.
Ngena kwi-link engezansi uzizwele uNgangezwe ezikhulumela kwingxenye yale nkulumo bese uyaphawula ngombono wakho ngayo. Kungabe uyahambisana nalabo abasola iMbube ngale nkulumo?
Baphawule kanje abafundi bethu:
UMichael Mathenjwa uthe: Siqinisile iSilo abahambe vele.
U-Innocent Zakhele uthe: Cha iSilo siyiqhathile impela.
USitimela Sezindaba Ezimnandi uthe: Akukho nkulumo yeSilo la egqugquzela ukushawa kwabantu, uhulumeni lo owenza abantu bashawe. Kufanele engabe kade abathutha ngamabhasi wababuyisela emumva bengakathintwa ngezandla.Nabo abezwa balokhu befikile nje badudwa yileli gama ababizwa ngalo elithi abantu bokufika. Sekwanele manje ngaleli gama sekwabantu BOKUHAMBA manje.
UPamella Mbanda uthe: Noma ngabe kumele bahambe kodwa asikho isidingo sokuth bashawe baphinde bashiswe ngoba nabantu bala babecashe kwamanye amazwe abenziwanga kanje. ISilo asithumanga muntu ukuthi kushawe la bantu. Ukuphapha koskhothen nje lokhu okuzodala basibulale sonke ngoba bayahlela ukuziphindisela njengoba bebulawa nabo. Kwaze kwabhlungu-ke sizothwala amacala abantu abangacabangi.
UNana Zwane uthe: Ngicabanga ukuthi iSilo asishongo ukuth abokufika abashawe kodwa sathi abahambe. Umbuzo wami uthi, kuzokwenzekani ngabafowethu nodadebethu abakwamanye amazwe ngenxa yemisebenzi? Ngabe kufanele bashaye nabo baphinde bashiswe njengoba kwenziwa kwabokufika kuleli?
UZakes Maswidi Dube uthe: Cha ngiyakuphika mina ukuthi inkulumo yeSilo iyona eyenze kwaqubuka lolu dlame olubhekiswe kwabokufika. Sasikade sitheni ngonyaka ka-2008 lapho okwakuhlaselwa khona abokufika? Zolo lokhu uMengameli uZuma uwaphathile amagama afuze aweSilo ngabantu bangaphandle abakulele ngokungemthetho, pho kungani yena engabalwa ekuphehleni udlame olukhona njengamanje?
Bheka ku-Facebook-Izindaba News24, ubone abanye batheni.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter