Isikhangisi siveza iphoyisa likhomba ngesibhamu amadoda amabili, bese kuzwakala izwi lithi “sesike sawabona amaphoyisa ebulala abantu”.
Ngemuva kwesikhalazo sekunqunywe ukuthi namhlanje umphakathi uhlangane emahhovisi akwa-Icasa eGoli, kudingidwe ngesikhangisi.
Akusikho okokuqala kunokukhuluma ngale advert ye-DA, u-SABC wayimisa uthi ibeka kambi umsebenzi wamaphoyisa.
Sibuze abafundi bethu sathi:
Uma usuke wasibona lesi sikhangisi se-DA, kuthini ukuphawula kwakho ngaso?
Yini ekugqamelayo ngaso uma ususibukile?
Bayaphendula:
UNathi Dlamini uthe: Vele amaphoyisa ayababulala abantu!
Khona owadonswa ngemoto kubuka abantu!
UZazi Mbanjwa uthe: Umuntu ongayazi ipolitiki vele uzokhuluma noma yini. Umuntu omnyama ufana nephepha elipheshulwa umoya, kuyimanje nidlala uZille othi uzoninika amaphoyisa azonivikela lawa akhona uzowaxosha.
Uthi uzoninika imsebenzi, uzoyithathaphi yena yedwa?
I-ANC kuningi esikwenzile, inkinga wukuthi umuntu omnyama ufuna ukwenzelwa yonke into.
UMthokozisi Ndlovu uthe: Angikaze ngisibone, engingakusho ukuthi i-DA inokucwasa ngokwebala.
Uma amaphoyisa engavumela ukusatshiswa, kuyosho ukuthi asiphephile.
Bheka ukuthi abanye batheni ekhasini lethu leFaceook.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).