Cape Town - Useqale inkolo yakhe umfundisi wodumo lwamanzi eThekwini.
Abanye bathi usengenwe uSathane.
Wena kuthini ukuphawula kwakho ngalolu daba?
Baphawule kanje abafundi:
ULizwi Mvundla Maqobheni uthe: Yini ebuhlungu nencinza abantu uma ethi uNala akasiye umKrestu? UDube uze wafuna ukukhala ngesikhathi kuqhubeka inkulumo mpikiswano ngoba nje wazi ukuthi uma uyikholwa kumele ube ngumKrestu, nalobo buKrestu ongabazi ukuthi baphuma kweyiphi inkolo? INigeria inenkinga nje ilowomnqondo.
UPrimrose Khonyane uthe: Ngiyamuthanda ubaba wami uDkt Hq Nala. Unyakazise umhlaba wonke, oDube balibele ukubhibhidla ngobubi abayazi into abayenzayo. Liya hamba ibandla lakhe liya eNaleni kuyobe kugcwele kuchichima ngeSonto!
USngqazu KaSomamboza uthe: Angikholelwa ngisho ebhayibhelini kodwa ngiyameseka uNala uyayazi intoyakhe!!!
UThaka KamaChamane Cele uthe: Abantu bamgxekelani uMfundisi Nala ngoba ukhona noShembe? kumanje basasezinkantolo kulindelwe oyovunwa abameli kube uyena umholi webandla, manje mase kuwuNala kwaba nezinkulumo, muyekeni enze ngendlela yakhe hawu!
UNelisiwe Mzilankatha Mncube uthe: Izwi leNkosi liyasho ukuthi ngezinsuku zokugcina abantu bayokwenza izibonakaliso ezinkulu, badukise abaningi. Phambili ngoJESU Krestu waseNazareth!
UBuyiswa Lugayeni uthe: Yhoo kunzima uma kunje iqiniso lithi: "Ungabi nabanye oNkulunkulu ngaphandle kwami."
UMalukhozi Majozi uthe: Lithi ibhayibheli xwayan abaprofethi bamanga bayoqhamuka ngazo zonk izinto.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba
ngolimi lwakho