Cape Town - Indoda yaseThekwini eshade nenye indoda, isifake inkampani nohulumeni enkantolo, ikhala ngokunqatshelwa kwayo ukuya ekhefini lezinyanga ezine elithathwa abesifazane abasuke bezithwele.
Umshadikazi wanqatshelwa ikhefu ngemuva kokuthola ingane nomyeni wakhe ngo-2011.
Indoda ukunqatshelwa kwayo ukuya ekhefeni kungukubukela phansi ilungelo labantu abasebudlelwaneni bobulili obufanayo.
Kuthini ukuphawula kwakho ngesikhalo sendoda?
Ngokubona kwakho ngabe kumele ophathina abayizitabane bathole amalungelo alinganayo nobulili obujwayelekile uma kuyiwa ezintweni ezifana nesikhalo sale ndoda?
USky Mthethwa uthe: Umuntu wesifazane usuke encelisa ingane futhi kusuke kumele alulame ngokuphelele ngemuva kokubeletha.
Uyagula lona.
U-Olwami Awethu Mtshali uthe: Kuhle ukuba niyabona, wathi uJesu enyukela esiphambanweni, "Ningangikhaleli mina, zikhaleleni nina kanye nabantwana benu ngokuba bhekani ziyeza izinsuku eniyakusho ngazo ukuthi zibusisiwe izinyumba namabele angancelwanga".
Bheka Izindaba News24 kuFacebook, ubone abanye batheni.
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.