Share

Baphethwe ingqino abathi basaba amaTampons

Cape Town - Anginayo nencane inkinga nomuntu wesifazane othi akayisebenzisi iTampon ngezizathu zezempilo, nami ziningi izinto ezisetshenziswayo engingazisebenzisi.

Into engidina tu, yindaba yalaba abazenza ngcono basitshele ukuthi abawasebenzisi amaTampon ngoba abuhlungu, baphinde babuswe wukuthi thina esiwasebenzisayo yingoba nakhu sesavuleka kakhulu.

Ngisho umuntu onengane uyakwazi ukusebenzisa iTampon, lo sayizi omncane kodwa ungawi, manje ingena kuphi eyokuvuleka kakhulu?

Anginayo inkinga nentombi nto ezothi ayiyisebenzisi iTampon, bandla vele loyo usuke engakajwayeli ukufakwa izinto.

Inkinga iqala ngesikhathi uzwa kukhuluma umama wengane noma umuntu onendoda futhi olalayo nayo, umuzwe ekutshela ukuthi uyayesaba iTampon.

Ngivele ngingaqondi noma usuke eqonde ukusitshela ukuthi indoda yakhe incane idlulwa wusayizi lo wokugcina weTampon, lona imvamisa oba ngangocikicane.

Ngokwami kuzona zonke izinsiza ezisetshenziswa uma owesifazane esendimeni, ngiphasisa iTampon ngoba ingena ngaphakathi esithweni, ungatholi nokuncane ukungcola emzimbeni.

Uma ufaka umbhubuzo, ukungcola okuphuma ngaphakathi kunamathela nawo emzimbeni, kanti iTampon iyamunca uyikhiphe ngoba isigcwele.

Abathi ibihlungu abaqale bafunde ukuyifaka ngendlela, uma beqhubeka nokuzwa ubuhlungu sobabona ngokuthi bayeke amadoda abalala nawo ngoba nawo phela angena khona la kungena khona iTampon.

Ngale kwalokho abasixolele, abangasijaji basikale ububanzi bethu ngokuthi sikwazi ukugcina amaTampon amahora......

Bheka le-video, bese ubhala umlayezo ngezansi kwayo.



Singaxhumana kuFacebook kuNtombizenele Mtshali, noma ku-zanele wakwamtshali@gmail.com

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Can radio hosts and media personalities be apolitical?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, impartiality is key for public trust
32% - 280 votes
No, let's be real, we all have inherent biases
68% - 585 votes
Vote
Rand - Dollar
19.22
-0.3%
Rand - Pound
23.92
-0.4%
Rand - Euro
20.47
-0.4%
Rand - Aus dollar
12.32
-0.2%
Rand - Yen
0.12
-0.4%
Platinum
942.00
-0.9%
Palladium
1,010.00
-1.9%
Gold
2,382.28
+0.1%
Silver
28.28
+0.2%
Brent Crude
87.11
-0.2%
Top 40
66,703
-0.7%
All Share
72,759
-0.7%
Resource 10
62,979
-0.5%
Industrial 25
97,553
-0.9%
Financial 15
15,394
-0.6%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE