Cape Town - Umholi weCongress of the People uMosiuoa Lekota uthi angase athathe izinyathelo zomthetho kulandela ukuthi axoshwe ePhalamende.
ULekota uxoshwe ngoba enqabe ukuhoxisa ukugxeka kwakhe uMengameli
uJacob Zuma athe waphula izifungo zakhe ngokwehluleka ukuvikela iciko
uBrett Murray owabe ezwakalisa ilungelo lokukhuluma ngokukhululeka.
Abafundi bayaphawula.
UKwanele Mbatha uthe:
Vele abantu abamthandi umuntu uma ekhuluma amaqiniso njengoba nakuLekota seku njalo.USibonele Kabeya uthe:
Ngiyacabanga ukuthi uLekota ube nombono.USpha Swazy Gule uthe:
ULekota uhlale elindele ukuzuza amaphoyinti ngabanye abantu.UMbongeni Thusi uthe:
Empeleni lo mnumzane uyibhimbi,uyathanda ukuhola kodwa ukuhola akukho kuye.USimanga Zwane uthe:
ULekota ubekhuluma iqiniso, abanye abasoze vke bakubona okungalungile okwenziwa yi-ANC.
UZukile Mahlubi Langeni uthe:
ULekota ubenephuzu, abantu bayathanda ukuzwela kakhulu ngale ndab kaZuma, ukhulume iqiniso uLekota.
Kumele vele amgxeke umengameli uma kunesidingo.
USakhile Mathenjwa uthe:
Ubaba
uLekota ubulawa umona, uma ethi waboshwa okusho ukuthi kumele abamhlophe
beqhubeke nokusibukela phansi?
Ngingasho nje uLekota ucabanga ukuthi
ugcono kunabanye abantu.
UZak Biyela uthe
: Ubaba
uLekota ubulawa umona, uma ethi waboshwa okusho ukuthi kumele abamhlophe
beqhubeke nokusibukela phansi?
Ngingasho nje uLekota ucabanga ukuthi
ugcono kunabanye abantu.
UMhleli Sipho Sithole uthe:
ULekota
uzama ukuqhuba inzondo anayo ngoZuma ngokusebenzisa umthetho
wamalungelo omdwebi, ngokwakhe wayefisa uMongameli avikele umthetho
we-Freedom of Expression kumdwebi.
Ngenye indlela umengameli athi ayikho
inkinga ngokudwetshwa kwakhe avikele ilungelo lalo mdwebi, lo mthetho uLekota uwubheke ngenzondo wafisa usebenzele umdwebi kuphela wakhohlwa
ukuthi naye phela uZuma unalo leli lungelo.
Qondani ngamalungelo ezakhamizi zalelizwe
niyeke inzondo phansi.
Thumela umbono wakho ku-isizulu@news24.com
Disclaimer:
INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono
eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe
kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
News24