Share

Baqeqeshekile oNONDINDWA namaSOKA angempela!

Cape Town - Iningi labangani bami abaphila negciwane lesandulela-ngculazi (HIV) lingifundise lukhulu ngokuziphatha kuleli elimagabade ahlabayo. Iningi labo likhala ngokuthi litheleleke ngesifo nakuba beliziphethe kahle.

Lenkulumo yenza kubesengathi bebezophatheka kangconywana ukuba bahaqeke nje vele bebendinda njengoba onondindwa abaziwayo bewumqemane.

Uma uziphethe kahle, uba nonembeza, uthemba futhi uthande ngokupheleleyo uze ubone ukuzivikela kungukuzehlisa isithunzi, bese ikushaya induku yemiphumela yokungazivikeli ocansini qede uphaphame.

Akubona bonke-ke nokho abaphaphama bengenamhuzuko, kepha iningi labo liphaphama selihudula o-boy no-girl kungenjalo negciwane ngaphezulu.

Kukhulu esingakufunda konondindwa bangampela ngendlela yokuziphatha. Sike sizibuze ukuthi ngempela yini eyenza bangamithi, yini eyenza bangaguli, yini eyenza bangafi?

Funda nalolu daba: Yenzani izinto ngendlela

Onondindwa bangempela bayakwazi lokhu kudla ukuthi kuyabulala, kanjalo nezici zakko zonke, ngakho bahlala ngokuzivikela. Wena osothandweni lokwethembana akuvamile ukuzivikela, lapho onondindwa bangempela abahlukani nezivikelo.

Ngike ngahlala nenkunzi yesoka ebiyipheka ngomhluzi wenye usuku nosuku esontweni elilodwa ishaye izintombi ezintsha ezimbili kuya kwezine. Le nkunzi ngifunde lukhulu kuyo, ibiwushaya umsebenzi, kodwa ibingathembi muntu, ibihlale ingidonsa ngendlebe ngokusebenzisa ijazi. Mina-ke ngokuba nomuntu oyedwa engimethembayo ngibuke ijazi njengehawu lokukhohlakala.

Ngithuke senginezingane ebengingazihlosile ngenxa yokwethemba umuntu oyedwa engibhekene naye yize ngangikucacisile kuye ukuthi angifune ngane.

Funda nalolu daba: Thina sathakathwa umuntu waqede wafa!

Ungathi uma usothandweni bese uyekelela elakho iqhaza lokuzivikela. Abantu abanonembeza nesineke bathanda ngempilo yabo yonke bavulele ithuba lesihlava sokufa okuwumbhedukazwe. Ukuthanda ngenhliziyo kuvala ingqondo bese singazivikeli.

Lento kamathandana ifundwa ngamaphutha ukhule kanjalo. Uma ube nesoka elilodwa waze washada nalo njengakudala oMa noBaba, ngabe unenhlanhla. Ziningi izinto ozifunda ngokubona abantu abaningi. Angishoke ukuthi qomani nize niquleke ngoba nizongaquleki nivele nife. Kuningi  esingakufunda konondindwa, ngokuziphatha kanye nangokuzivikela.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
49% - 869 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
51% - 915 votes
Vote
Rand - Dollar
19.17
-0.3%
Rand - Pound
23.85
-0.2%
Rand - Euro
20.49
-0.2%
Rand - Aus dollar
12.46
-0.5%
Rand - Yen
0.12
-0.3%
Platinum
920.80
+0.1%
Palladium
1,024.00
-0.2%
Gold
2,316.29
-0.3%
Silver
27.12
-0.7%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,504
+0.7%
All Share
74,470
+0.6%
Resource 10
59,661
+0.1%
Industrial 25
104,200
+1.4%
Financial 15
15,913
+0.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE