Durban - Sekukaningi ngizwa abantu abazibiza ngeminsinsi yokuzimilela eNingizimu Afrika bekhala ngokumpintshwa yile genge evela emazweni angaphandle engabantu abamnyama.
Iningi lethu livama ukubagxeka, libuza ukuthi baxoshwe yini kwelakubo.
Namasoka akhala ngokuthi amadoda aqhamuka emazweni angaphandle awadlisela ogageni ngasezintombini, osomabhizinisi bakhala ngokuthi bayabancintela, yisezinkampanini abasebenzi bakhala ngokuthi labantu abayingeni eyokulwela imihlomulo engcono baneliswa ngisho utiki.
Kukona konke okubi okushiwoyo ngalaba bantu kubalwa ubugebengu nezidakamizwa, mina ngifunde okunye okunganakwe muntu ngabo. Labantu esibabiza ngezilwane banobuntu ukwedlula thina.
Into engenza ngisho kanjalo yingoba bayakwazi ukunakekelana bebodwa, bakhule badlondlobale phakathi kwethu silibele ukubabeka izici.
Labantu ubafica behlala nga-10 endlini eyodwa, bekhuluma ulimi lwabo. Noma bengasifunda isiNgisi nesiZulu kodwa basifundela ukusisebenzisa lasidingeka khona kuphela. Uma behleli bodwa bathamunda ulwimi lwabo.
Abanye banezingane ezifunda kulo leli lethu kodwa lezingane zilukhuluma njengoba lunjalo ulimi lwazo.
Thina esizibiza ngeminsinsi yokuzimilela kuleli asinamgogodla, sibhozomela konke okungesikona okwethu, okokwembatha, ukudla, ulimi, imizi, nemkhutshana esasilungu yande kakhulu kuthina esizibiza ngemnsinsi yokuzimilela kuleli.
Asinagama naphawu (identity) esibonakala ngalo phakathi kwezinye izizwe kodwa uma ubona legenge evela emazweni angaphandle awubuzi ukuthi lo muntu ungowokufika kuleli ngenxa yendlela abaziphatha ngayo nendlela abagqoka ngayo.
Uma ngibuka indlela ababumbene ngayo bebodwa, ngiyacabanga ukuthi yiyo le eyenza odadewethu bazifele ngale nhlobo yamadoda. Thina silibala inzondo bona amandla abo asekuhlanganyeleni. Thina sigaba ngokuzimela, bona banokuzinikela emsebenzini ngaphandle kokuncika eholweni ngapha sibheka iholo singakaqali nokusebenza.
Angazi ukuthi yini ebakhela isigcwagcwa kithi ngoba abantu engingathi kumele sibaxwaye abelungu amashayina namandiya kodwa yibona esidla nabo ngakhezo lunye, sithathe konke okwenziwa yibona siyeke ukufunda.
Ubuntu abande kula bantu abangabafowethu nodadewetu abaqhamuka enhla ne-Afrika siyekele ukubacokofula ngezinhlamba.
Xhumana neNtshebe ku-sbmvula@gmail.com
Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.